UNgqongqoshe ufuna ukuqeda owezikhundla kumasipala

Celani Sikhakhane

Iyaqhubeka impi yombango wezikhundla kuMasipala Wesifunda uMkhanyakude njengoba izimeya ezimbili nezimenenja zikamasipala zihola phambili kulempi.

Kulokhu uNgqongqoshe woMnyango kaHulumeni ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu uMnu Sipho Hlomuka ufuna kwehliswe amaholo abo okungase kube isixazululo ezinkingeni ezikhona kulo masipala ongenazinzo.

Lo mbango wenze ukuthi kube nezimeya ezikhethwayo nezisuswayo esikhathini esingangesonto noma inyanga selokhu kwaba nokhetho lohulumeni basekhaya nyakenye.

Ababambe iqhaza njengokuthuthukiswa kukazwelonke bathumela izimemo kwimeya kodwa uma kufika isikhathi somcimbi bathola ukuthi iMeya abayimemile ayisekho esikhundleni.

Lo mbango wezikhundla udale nokuthi amakhansela ashayane wodwa kumasipala.

UHlomuka uye enkantolo efuna kuncishiswe amaholo abasebenzi abayisithupha okuyizimeya ezimbili, izimenenja ezimbili zikamasipala, amaphini amabili ezimeya nezikhulumi ezimbili.

Emaphepheni asenkantolo, uHlomuka uthe umbango kuMasipala wesiFunda uMkhanyakude, ozinze eMkhuze enyakatho neKwaZulu-Natal, uyaphazamisa.

“USomlomo, iMeya kanye nePhini leMeya banamaholo aphezulu kunamakhansela ajwayelekile njengoba kwenza izimenenja zomasipala ezibambile. Ngakho-ke ngeke bakwazi ukuholelwa amaholo aphezulu. Kubukeka sengathi akekho okhokhelwa imali engaphezu kwaleyo ekhokhelwa amakhansela ajwayelekile,” kusho uHlomuka encwadini efungelwe enamathiselwe emaphepheni asenkantolo.

Icala lizoqulwa ngomhlaka-30 kuNhlaba.

Ngesonto eledlule i-ANC eMkhanyakude igxeke uhambo lukaNgqongqoshe wezaManzi nokuThuthwa kweNdle, uMnu Senzo Mchunu, lapho abechaza khona ngohlelo lwakhe lokungenelela ukulwa nenkinga yokushoda kwamanzi. UNobhala we-ANC esifundeni uMnu Verus Ncamphalala usole uMchunu ngokugunyaza iMeya ye-IFP uMnu Tim Moodley ngemuva kokuthi behlangane ukudingida izinkinga zamanzi.

UMchunu uziphendulele wathi ubengayanga laphayana ukuyoxosha noma ukubona umuntu othile kodwa ubezokhuluma nomkhandlu ngenkinga yamanzi.

IMeya ye-ANC, uMnu Siphile Mdaka, usaqhubeka nokwenza umsebenzi wakhe futhi ukhuluma nemibuthano yomphakathi kanti nemeya ye-IFP uTim Moodley naye wenza okufanayo.

Zombili izimenenja zikaMasipala uDkt Syabonga Ntuli we-ANC noMnu Mxolisi Nkosi we-IFP basaphethe.

Izihloko zakamuva