Ungamzondi unompempe ngoba usuke enza umsebenzi wakhe

Lubhalwe nguLucky Vince Pienaar

Unompempe onjengoWayne Barnes kowamanqamu weNdebe Yomhlaba Yebhola lombhoxo, akakaze abe ngumuntu othandwa kakhulu enkundleni. Kodwa esikhundleni sokwenza umsebenzi wakhe ubelula, kulindeleke ukuba enze izinqumo ezinzima kakhulu.

Akulindelekile nje ukuthi athathe izinqumo ezilula kuphela, kodwa kulindeleke ukuthi athatha nalezo zinqumo ezinkulu ezingashintsha umphumela womdlalo ngokuphelele.

Ukuthi uzinqumela yena izinqumo njengoba evame ukwenza, isinqumo sokukhipha umdlali enkundleni sinamandla okucekela phansi umdlalo wonke, umqhudelwano kanye neNdebe yoMhlaba uqobo. Futhi okubi kakhulu kunakho konke kwenza umdlalo ungabe usafana. Umdlalo webhola lombhoxo umdlalo wabadlali abangu-15 uma bebhekene nabadlali abangu-15.

Inkinga ayikho kunompempe, kodwa isemandleni yena nezikhulu abaphoqelekile ukuthi bawamukele.

Kubukeka sengathi umdlalo wamanqamu weNdebe yoMhlaba e-Paris uzoba nezinkulumo ezishubile ezindaweni zasebusuku zokucima ukoma emhlabeni wonke isikhathi eside.

Kodwa ingxoxo ihlale imayelana nama-try angavunyelwa, ukugejwa kwegoli, ukushaywa kanye namathuba abawamoshayo. Kodwa noma ngabe uyangabaza noma uyabungaza sekudlulile umphumela usushicilelwe kumarekhodi..

Umbuzo wangempela futhi okufanele unakwa emazingeni aphezulu ngoba uthinta ikusasa lomdlalo umbuzo wekhadi elibomvu likakaputeni uSam Cane.

Kuyisibonelo esibi kakhulu uma izikhulu zihlukumeza umthetho, futhi akunandaba ukuthi isinqumo besifanele noma besingafanele. Okubalulekile ukuthi i-New Zealand idlale ngaphandle kukakaputeni wayo ingxenye yomdlalo.

Ukunqwabelanisa ubuchwepheshe obuningi emahlombe ezikhulu akusona isisombululo. Umsebenzi kanompempe kufanele ube lula ungabi nzima.

UBarnes ubhekane nomsebenzi onzima wokukhipha izinqumo eziningi kowamanqamu weNdebe Yomhlaba, okuhlanganisa nokuthi ama-try ka-Aaron Smith noBeauden Barrett bekufanele avunyelwe yini. Lezi zinqumo kufanele zenziwe enkundleni ngoba azikwazi ukuhlehliswa ngokuhamba kwesikhathi.

Kodwa isinqumo sokukhipha umdlali ngaphandle kwenkundla akumele sithathwe ngokushesha. Akukhona nje ukuthi isinqumo sikhulu kakhulu kunompempe, kodwa isinqumo singahlehliswa kuze kuba mhlawumbe kuyiwa kwiphaneli ukuze kukhishwe isijeziso somdlali.

Ukwenza isibonelo, ukukhishwa kumdlalo wamanqamu kungaholela ekuvinjweni izinyanga ezingu-12 uma kunesidingo, kodwa ukujeziswa komdlali kufanele kwenziwe ngemuva komdlalo.

Yenza impilo kanompempe ibe lula ingabi nzima kakhulu.

Isithombe esingenhla: UWayne Barnes

Umthombo wesithombe: I-SA Rugby

Izihloko zakamuva