UNdunankulu waseMpumalanga uthi uhlelo lwalo nyaka lwe-learnership lunamaphutha

Dalphine Tagwireyi

UNdunankulu waseMpumalanga umemezele ukuthi, inqubo yokufundela umsebenzi wokuba yiphoyisa lomgwaqo kulonyaka ekolishi laseMpumalanga inamaphutha amaningi njengoba kungakaze kwenziwe uphenyo olufanele.

Lokhu kushiwo uBusisiwe Nkuna oyinhloko yoMnyango Wezokuphepha koMphakathi, Ezokuphepha kanye Nokuxhumana eMpumalanga.

Encwadini, ephethwe ngabakwa-Scrolla.Africa, uNkuna uphendule imibuzo kaNdunankulu uRefilwe Mtshweni-Tsipane ukuze achaze ukuthi kungani umyalelo kaNdunankulu wokuthi kuqedwe i-learnership ungalandelwa.

Ephendula ngokudelela, uNkuna uthe uyashushiswa ngoba uNdunankulu wathumela uNtone Molelekoa, ukuba amnikeze uhlu lwabazongenela ukuqeqeshwa kwamaphoyisa omgwaqo ukuze iphaneli lizobakhetha yize bengafanelekile. 

UNkuna uqhubeke wathi, uMolelekoa uthumele umyalelo wokuthi asule igama likaMthokozisi obefake isicelo sesikhundla samaphoyisa omgwaqo bese efaka uMusa, oyintandokazi kaNdunankulu.

“Nginamarekhodi alo lonke uhlu engalunikwa nguNtone ethi luvela kuNdunankulu,” kubhala uNkune kule ncwadi.

“Ufuna ngixoshwe ngoba angibaqokanga abantu obafunayo?”

Ubuye waveza ukuthi wazama ukubonisana nomphathi wakhe, uNgqongqoshe uVusi Shongwe owamnika ithuba lokuchaza okwathi ekugcineni wamjikela wamkhipha ngesankahlu ehhovisi lakhe ethi inqubo yokuhoxa izoholela ezinkantolo.

Ikhansela le-DA, uComfort Sibiya uthe, sonke lesi simo siyinhlekisa yamaphutha.

“Kusobala ukuthi osopolitiki abaningi babalekela ukuphendula ngokukhonkotha imiyalelo ngomlomo ngaphandle kokuzibophezela ngokubhala phansi,” kusho uSibiya.

USibiya uthe, yena angabakhomba mathupha abantu abangafanelekile endaweni yangakubo e-Lydenburg / e-Mashishing.

Okhulumela uNdunankulu uSibongile Mpkani Mpolweni uthe, ihhovisi likaNdunankulu ngeke liphawule ngokuqukethwe yilezi zincwadi ngenxa yobumfihlo bobudlelwano bomqashi kanye nomqashwa. 

Izihloko zakamuva