UNdunankulu waseKZN ugixabeze uDuma ngesikhundla esibalulekile 

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

UNdunankulu waKwaZulu-Natal uMnuz Thami Ntuli useqoke uSihlalo kaKhongolose esiFundazweni ukuba aqhoqhobale isikhundla esibalulekile sokuhola amabhizinisi kaHulumeni.

UNtuli ube esemdonsa ngendlebe uMnuz Siboniso Duma ethi akhumbule ukuthi akamenzi iphini lakhe.

Lokhu kwenzeke ngoLwesithathu ntambama e-Mayville, eThekwini ngemuva komhlangano wezinsuku ezimbili wesigungu sesifundazwe obizwa nge-Cabinet Lekgotla.

UNtuli uthi isipiliyoni sikaDuma kulesi sikhundla singezinye zezinto ezimenze wamethemba ebuholini bakhe. 

“UDuma uke wasiphatha lesi sikhundla phambilini futhi usenamagalelo anohlonze kuHulumeni njengoba engene eSishayamthetho ngo-2014. Umsebenzi kaDuma kuzoba ukuxhumanisa uHulumeni namabhizinisi njengoba sihlela ukuba umnotho wesifundazwe ukwazi ukudala amathuba emisebenzi kubantu bakithi,” kusho uNtuli.

UDuma naye ukushayele ihlombe ukuqokwa kwakhe waphinde wakugcizelela ukuthi akalona isekela likaNdunankulu wesifundazwe. 

UDuma ubuye abenguNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBantu kulesi sifundazwe. 

Nokho lesi sikhundla anikezwa sona sivamise ukuphathwa uNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo. 

“Ngiyalibonga ithuba engilinikezwa uMphemba njengoba okuseqhulwini ukusebenzela abantu bakithi, hhayi ukuba sizibheke thina. Ngithi angikusho ukuthi njengoba nginikezwe lesi sikhundla akusho ukuthi sengiyiphini likaNdunankulu. 

“Ngithanda nokubonga kubaholi esibukela kubo abafana noNondaba (uMfundisi Musa Zondi) onguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha nokoNgiwa kweMvelo ngoba abaholi asebemkantshubomvu laba kuHulumeni,” kusho uDuma. 

UNtuli noDuma bamemezele nokuthi basohlelweni lokuhlangana nosomatekisi ukuze kuxoxiswane ngezikhalo zabo zezimvume zemizila ezibaqhatha no-Operation Shanela: Public Transport Enforcement Unit.

UNtuli ubuye wamemezela ukuthi baphezu kodaba lwamaDelangokubona abafuna kuhlalwe nawo phansi kuboniswane indlela eya phambili ngoba basemgomeni othi akekho abafuna basale ngaphandle entuthukweni yesif-undazwe.

Ukhulume nangokuthi bazosiza omasipala ukuba bakwazi ukuthola imibiko engengcobho.

Izihloko zakamuva