Unamabatha umfelandawonye waphikisayo oholwa iDA

Lubhalwe nguCelani Sikhakhane

I-NFP isichithile isimemo se-DA sokujoyina iqeqebana lamaqembu aphikisayo elihlose ukuketula i-ANC okhethweni lukazwelonke lwango-2024.

Uphawu lwe-NFP lufakwe esitatimendeni samaqembu aphikisayo ahlela umhlangano wokuhlela amasu okhetho oluzayo kodwa uNobhala Jikelele weNFP, uMnuz Canaan Mdletshe uthe uphawu lwabo lwasetshenziswa ngaphandle kwemvume yabo.

UMdletshe uchaze ukuthi i-NFP ayifani ne-DA futhi imele iningi labantu abampofu bakuleli kanti i-DA imele izigaba zomphakathi ezidla izambane likapondo.

Ngakho-ke, abakwazi ukwakha ubudlelwano bokusebenza ngalokho.

I-NFP inomlando wokudlelana ne-ANC futhi isivele ibambisene ne-ANC ne-EFF komasipala abahlukene KwaZulu-Natal.

Ingqungquthela yamaqembu aphikisayo lapho kuzobe kudingidwa khona i-Moonshot Pact, ihlelelwe umhlaka-16 no-17 kuNcwaba.

I-DA, i-IFP, i-FF-plus, i-ActionSA, i-United Independent Movement kanye ne-Spectrum National Party bajoyine uhlelo lwe-DA.

I-DA ifuna ukulungisa konke okuthinta ubudlelwano bokusebenzisana ukuze kugwenywe izinxushunxushu ezikhona komasipala abaphethwe amadlelandawonye futhi zenzeke ezingeni likazwelonke nelezifundazwe ngemuva kokhetho luka-2024.

Ukungavumi kwe-NFP sekuholele ekutheni i-VF Plus iphakamise uMengameli we-IFP uMnuz Velenkosini Hlabisa njengomholi we-Moonshot Pact.

I-DA ihlose ukugwema isimo lapho umengameli ongaphansi komfelandawonye ophikisayo ukuthi angabhekani nevoti lokungathenjwa uma ebuya emihlanganweni nabatshalizimali bamazwe ngamazwe.

Amaqembu aphikisayo asole iDA ngobuqhwaga.

Esithombeni esingenhla: UZanele kaMagwaza Msibi owayengumholi we-NFP, iqembu lakhe elinqabe ukuhlangana ne-DA ngokumelene ne-ANC.

Umthombo wesithombe: Facebook

Izihloko zakamuva