EZEMIDLALO: AmaProteas azobhekana ne-India emdlalweni abaningi abawuthatha njengowamanqamu ngaphambi kowamanqamu, kubhala uDylan Bettencourt.
➤ Yize amaBhokobhoko enze “umsebenzi omuhle” wokunqoba iNdebe yoMhlaba yeloMboxo, amaProteas nawo asebenza ngokuzikhandla ukuwina owe-Cricket ODI World Cup.
Bazodlala ne-India emdlalweni osezingeni eliphezulu we-round-robin ngeSonto, okungenzeka kube umdlalo wamanqamu futhi.
Abadlali beNingizimu Afrika sebezakhele udumo ngabadlali abathola inani elikhulu lamaphuzu uma beshaya kuqala bese badedele abaphosayo bangene baqedele umsebenzi uma sekushaya izimbangi.
Kodwa futhi banedumela lokungawatholi amaphuzu aphelele. Uma iNingizimu Afrika inqoba i-toss akungabazeki ukuthi izoshaya kuqala. Uma behlulwa i-toss, i-India izokhetha ukushaya kuqala.
Umdlalo omkhulu ususondele.
Lo mdlalo uzokhonjiswa bukhoma ku-DStv channel 201 ngeSonto ngo-10.30 ekuseni.
➤ Ayikho imdlalo kulempelasonto ku-Premier League kodwa abalandeli kuzomele balinde kuze kube uMsombuluko ukuze babukele i-Tottenham Hotspur idlala ne-Chelsea.
I-Manchester United izoqala impelasonto ngohambo oluya e-Fulham ngaphambi kokuthi i-Manchester City idlale ne-Bournemouth ngo-5 ntambama.
Umdlalo we-Newcastle ne-Arsenal uzodlala ngoMgqibelo ngo-7.30 ebusuku.
I-Liverpool izobe idudulana ne-Luton Town ngeSonto ngo-5.30 ntambama ngaphambi komdlalo omkhulu wangoMsombuluko ngo-10 ebusuku.
Yonke le midlalo izokhonjiswa bukhoma ku-DStv channel 203.
➤ Ngemuva kwamasonto amabili e-United Rugby Championships, ama-Stormers awakahlulwa, ama-Bulls asahlulwe emdlalweni owodwa kanti i-Lions ihlulwe kuyo yomibili imidlalo yayo.
Mhlawumbe amaqembu aseNingizimu Afrika, agqugquzelwe amaBhokobhoko abezimisele ngokuwina kunangonyaka odlule. I-Lions ikakhulukazi idlalela ukunqoba kanti ibe nebhadi yahlulwa yi-Stormers ngamaphuzu amabili ne-Edinburgh ngelilodwa.
I-Glasgow Warriors izobhekana ne-DHL Stormers ngoLwesihlanu ngo-9.35 ebusuku
I-Ospreys izobhekana ne-Hollywoodbets Sharks ngoLwesihlanu ngo-9.35 ebusuku
I-Zebre izobhekana ne-Vodacom Bulls ngoMgqibelo ngo-3 ntambama.
I-Benetton izobhekana ne-Emirates Lions ngeSonto ngo-3.30 ntambama.
Le midlalo izodlala bukhoma ku-DStv channel 201 no-211.
Esithombeni esingenhla: AmaProteas
Umthombo wesithombe: Proteas
