Umzala wekhansela udutshulwe washona ngephutha

Everson Luhanga

NgoMbasa ikhansela uMnu Zenzele Xhinela wangeniswa esibhedlela ngemuva kokudutshulwa amahlandla amahlanu.

NgoLwesihlanu, umzala wakhe uVukile Gunguthwa oneminyaka engama-36, udutshulwe wabulawa ngemvula yezinhlamvu lapho ebephambaniswa khona nomunye umuntu.

Ababulali bebecabanga ukuthi bekunguZenzele obesemotweni.

UZenzele ubenike uVukile imoto yakhe ukuthi abuyele ngayo ekhaya. Kodwa uVukile ugcine eshona kabuhlungu endaweni yesigameko ngemuva kokuthi izinkabi ezimbili zimdubule ngezinhlamvu eziyi-12.

Ikhansela lesigceme sama-41, e-Seraleng Section ngase-Rustenburg esifundazweni i-North West, uthe udinga inhlangano yakhe imvikele kanye nabantu basegatsheni i-OR Tambo.

Kodwa akulona lodwa usizi ikhansela elibhekane nalo kulo nyaka. Umngani wakhe omkhulu uMthandazelwa Shakes Somhle owayekhankasa naye udutshulwe wabulawa ngoNtulikazi. Wadutshulwa ngezinhlamvu ezinhlanu.

“Okuthusayo ngalokhu ukuthi ababulali baqonde mina ekubeni ngidinga ukusebenzisana nabo ekuletheni izidingo emphakathini. Ngizosebenza kanjani emphakathini ongfuna ngishonile? Kungani kufanele ngishonele ukusebenzela umphakathi owangikhetha ukuthi ngiphathe?” esho.

Uthe ngoLwesihlanu iqembu lakhe belimatasa likhankasa kule ndawo. “Umzala wayengumkhulumeli wegatsha. Ubekhuthele kwezombusazwe futhi eyingxenye yalo mkhankaso.

“Kamuva ngalolo suku, ngamnika imoto yami ukuba ayihambise ekhaya njengoba bekufanele ngiye kweminye imihlangano.

“Ngesikhathi ekomunye wabangani bakhe, izinkabi ezimbili ebezimlandela zimdubulile. Bebecabanga ukuthi yimina engishayela imoto”.

UZenzele uthe ngaphambi kokubulawa komzala wakhe, yena nomndeni wakhe bebesatshiswa ngokubulawa. “Izimoto ezingenazo izinombolo bezilokhu zisilandela.

“Ibuhlungu inhliziyo yami ngokulahlekelwa ngabantu ababili abebesondelene nami ngoba nje ngikhethe ukubamba iqhaza kwezepolitiki lapho ebengizosebenzela khona abantu,” kusho uZenzele.

Amaphoyisa asiqinisekisile isigameko.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni sase-North West uLieutenant Colonel Amanda Funani uthe amaphoyisa aphume umkhankaso wokuthungatha abasolwa.

Akekho osaboshiwe kanti uphenyo ngecala lokubulala lusaqhubeka.

Izihloko zakamuva