Umtholampilo onganakiwe usuphenduke ikhaya lezinyoka eziyingozi

Lubhalwe nguNdivhuwo Mukwevho

Umtholampilo wase-Thohoyandou e-Block G, e-Limpopo usunezinyanga ezimbalwa unganakekelwa nokuyinto eholele ekutheni kube nezihlahla ezimilayo kanye notshani obude ngaphakathi nangaphandle kwebhilidi kanti izakhamizi zithi le ndawo isigcwele izinyoka eziyingozi.

Izakhamizi ezithukuthele ezihlala eduze nomtholampilo zitshele i-Scrolla.Africa ukuthi seziye kaningi emtholampilo kusukela nyakenye, ziyocela ukuvunyelwa ukusika utshani mahhala ngaphakathi nangaphandle komtholampilo.

Kodwa izicelo zabo ziye zanqatshwa kaningi.

UGrace Masindi ohlala eduze kwalo mtholampilo uthe izakhamizi sezikhathele ukukhala ngesimo somtholampilo.

“Sihlalele ovalweni lwezinyoka eziphuma kulelo hlathi emtholampilo, njengoba umtholampilo usuyikhaya lazo,” kusho uMasindi. 

“Ezikhathini eziningi sithola izinyoka ezinkulu neziyingozi ngaphandle kwamagceke ethu futhi sinesiqiniseko sokuthi ziphuma kulawo mahlathi emtholampilo abangazihluphi ngokuwagawula.”

I-Limpopo iyikhaya lezinhlobo zezinyoka ezibulalayo okubalwa kuzo izimambas, izimfezi, ama-boomslang, namabululu.

UMasindi ungomunye wabahlali abake baya kulo mtholampilo beyocela imvume yokuwuhlanza ngaphandle kwenhlanhla.

Lo mtholampilo ungaphansi kwamakhilomitha amahlanu ukusuka enxanxatheleni yezitolo yase-Thohoyandou futhi uyindawo eseduze ezigulini ezivela ezindaweni ezahlukene zase-Vhembe. Kodwa-ke, sekuphele izinyanga ezingaphezu kwezimbili usebenza ngaphandle kwamanzi.

“Okwamanje yonke into imapeketwane kulo mtholampilo,” kusho uMasindi. “Ngaphandle kokuthi amanzi awekho, kuphinde kushode abasebenzi bezempilo futhi umuntu angachitha amahora angaphezu kwamabili elindile kulayini ukuze asizakale.

“Izindlu zangasese okuhloswe ukuthi zisetshenziswe yiziguli nazo zimapeketwane njengoba zingakaze zihlanzeke ngenxa yokushoda kwamanzi.

USamuel Mudau naye ohlala eduze kwalo mtholampilo uthe: “Awunabo abasebenzi abanakekela igceke, futhi akukho okwenziwayo ukulungisa lesi simo. Isikhungo esifana nalesi singavunyelwa kanjani ukuthi sisebenze ngaphandle kwabalimi ekubeni bebaningi kangaka abantu abangasebenzi? Kodwa okukhathazayo ukuthi uma izakhamizi zizama ukusiza, ziyajikiswa.”

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa ngaphandle komtholampilo ngoLwesine, uPatrick Mashau obephelezele udadewabo omncane emtholampilo, ngoba edinga usizo lwezempilo, uthe ushaqekile ngendlela umtholampilo obunganakwa ngayo.

“Ngigcine ukuza lapha ngo-2021 futhi lo mtholampilo ubuhlanzeke kakhulu ngaphandle nangaphakathi. Kodwa lokhu engikubona lapha namuhla akwamukelekile. Ngiyazibuza ukuthi konakelephi.”

Imizamo yokuthola ukuphawula kukaNeil Shikwambana, okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Limpopo ayiphumelelanga yize eyitholile imiyalezo evela kwi-Scrolla.Africa.

Kuthiwa izakhamizi zizoya kulesi sikhungo ngenkani ngoLwesihlanu ukuyosika utshani zigawule nezihlahla.

Esithombni esingenhla: Utshani obukhule ngaphandle kwesango langaphambili lase-Thohoyandou G Clinic.

Umthombo Wesithombe: Ndivhuwo Mukwevho

Izihloko zakamuva