Umthethosivivinywa omusha wokubhema ungafaka izipaza nabanikazi bezindawo zokucima ukoma ejele iminyaka engu-10

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Umthethosivivinywa ohlongozwayo waseNingizimu Afrika wokulawula imikhiqizo Kagwayi kanye nezinhlelo zokudiliva Nge-Electronic uvala ukubhema endlini ezindaweni zomphakathi futhi udonsa izigwebo zasejele kulabo abaphula imithetho.

Abanikazi bezindawo zokucima ukoma kanye nezipaza abehlulekayo ukuphoqelela ukuvinjelwa kokubhema endlini babhekene neminyaka engu-10 ejele ngaphansi kwezinhlawulo ezisalungiswa zamanje zoMthethosivivinywa.

Umthetho omusha ongafaka abanikazi bamashibhini nezipaza ejele iminyaka eyishumi usePhalamende.

Umthethosivivinywa wokulawulwa kwemikhiqizo kagwayi kanye nezinhlelo zokudiliva nge-Electronic lidlulise ivoti elibalulekile kwi-Portfolio Committe ngoLwesithathu ngomhlaka-24 kuNhlangulana.

Amalungu ePhalamende avotele ukwamukela uMthethosivivinywa ngokomgomo, okusho ukuthi udlulela ohlelweni lwesigaba somthetho lapho kuzodingidwa khona izichibiyelo.

Kodwa izinhlawulo esezikhona embhalweni osalungiswa zibucayi. Umnikazi webhizinisi noma umqashi owehluleka ukuphoqelela umthetho ovimbela ukubhema endlini, noma ovumela abasebenzi ukuthi basebenzise ugwayi endlini, uzobhekana nenhlawulo kanye neminyaka angu-10 ejele. Umuntu obanjwe ebhema endlini ubhekene nenhlawulo futhi abhadle ejele izinyanga ezintathu.

Uma ubhema endlini yangasese esebenza njengenkulisa, inhlawulo igxumela eminyakeni emihlanu.

UMthethosivivinywa uvala ukubhema kanye nokufaka iphunga kuzo zonke izindawo zomphakathi ezingaphakathi endlini. Iphinde iphoqelele ukupakishwa okusobala ngezexwayiso zezempilo eziyingcaca, ivimbele zonke izibonisi zezitolo zikagwayi nemikhiqizo eshisayo, futhi inqabele ukukhangisa nokuxhaswa kukagwayi we-e-cogarettes.

Amalungu ePhalamende ku-ANC, i-DA, i-EFF, i-ActionSA kanye neMK Party avotele ukuqhubekisela phambili uMthethosivivinywa. IFreedom Front Plus iyona kuphela inhlangano evote ngokumelene nayo. Zonke izinhlangothi ezeseka isiphakamiso zithe izinhlawulo kanye nezigaba zokuqinisa umthetho kumele kubuyekezwe ngaphambi kokuba uMthethosivivinywa ube umthetho.

Usihlalo wekomiti uFaith Muthambi uthe lo Mthethosivivinywa, ngendlela okuyo njengamanje, uphatha ugwayi kanye nemikhiqizo ekhipha umhwamuko ngendlela efanayo. Lokho kuzoshintsha. Ikomidi lamukele ukuthi laba bobabili kumele balawulwe ngendlela ehlukile, ngokusekelwe ezingozini zabo zezempilo ezihlukene.

Inqubo yesigatshana nesigaba, lapho amaLungu ePhalamende ezosebenza khona ngoMthethosivivinywa ngokulandelana kwayo. Izijeziso zeminyaka engu-10 nezinyanga ezintathu ziphakathi kwemibandela okuhloswe ngayo ukuthi ibuyekezwe.

UMthethosivivinywa awukakaphasiswa. Kusadingeka ukuthi kuhlale isiGungu sikaZwelonke ngaphambi kokuba uphasiswe umthetho.

Esithombeni esingenhla: IKomidi Lephothifoliyo LePhalamende Lezempilo livote ngomhlaka-24 kuNhlangulana ka-2026 ukuze liqhubekisele phambili uMthethosivivinywa Wokulawula Imikhiqizo Kagwayi.

Umthombo wesithombe: Pexels

Izihloko zakamuva