Umsubathi wakuleli uwuqale kahle umjaho

Dylan Bettencourt

Uqale kahle uCaster Semenya emjahweni wakhe wokuqala ka-5 000m ku-World Athletics Championship e-Oregon eMelika. 

Ubeqala ngqa ukugijima kusukela ngo-2017 ngemuva kokuba adlale kwelakuleli ku-800m iminyaka eminingi ngaphambi kokuphoqeleka ukuthi aphuze amaphilisi ehlisa izinga le-testosterone emzimbeni wakhe.

La maphilisi aba nomthelela omkhulu ekusebenzeni kwakhe, okumphoqe ukuthi adlale ngokuzimisela kumabanga amade, nokho-ke uSemenya uqede imizuzwana engu-45 ukusuka ejubaneni lokuhlungela umdlalo wamanqamu wangoMgqibelo.

Lo mdlali oneminyaka engu-31 ubudala uphume endaweni yesi-13  kwabangu-16 abakade bengenele lo mjaho njengoba amazinga okushisa abefinyelele ku-32 degrees Celsius.

“Bekushisa futhi ngingakwazi ukuhambisana nejubane,” kusho uSemenya ngemuva komjaho.

“Ukuqeda u-5km kuyisibusiso kimi  kuyangafundisa futhi ngizimisele ngakho konke.”

USemenya uwine isicoco sika-800m kuma-World Championship izikhathi ezintathu okuhlanganisa nokugcina kwakhe ukubonakala ngo-2017.

Kodwa-ke izinguquko zemithetho zisho ukuthi noma imuphi umsubathi othathwa njengonobulile obuhlukile angeke akwazi ukungenela umjaho-400m kuya ku-1,500m ngaphandle uma ephuza amaphilisi okwehlisa i-testosterone.

USemenya useneminyaka eminingi elwa nokushintshwa komthetho, kodwa imizamo yakhe kuze kube manje ayiphumelelanga.

UMengameli we-World Athletics uSebastian Coe uthe inhlangano ebusayo yenza okuningi ukuvikela abasubathi besifazane.

“Besilokhu sitshelwa isayensi futhi isayensi ikucacise kahle. Siyazi ukuthi i-testosterone iyona enqumayo ekusebenzeni komuntu nasekugijimeni,” kusho yena.

“Sengikhathele kakhulu ukuba nezinye zalezi zingxoxo nongoti bezokuhlalisana kwabantu abahlale befuna ukuphikisana nesayensi befisa izinto zenzeke ngendlela yabo kanti siyazi ukuthi i-Testosterone yenzani emzimbeni womuntu.

Kungenzeka ukuthi uSemenya wehlulekile, kodwa ukungena kumjaho ophindwe amahlandla ayisithupha uma kuqhathaniswa nomjaho wakhe ojwayelekile kuyimpumelelo okufanele ishayelwe ihlombe.

Umthombo wesithombe: @NBC

Izihloko zakamuva