UBoris Becker oseke wawina imidlalo ye-Wimbledon amahlandla amathathu uthe wayesaba ukubulawa ngesikhathi ebhadle ejele.
Lo msubathi owayehamba phambili wase-Germany waboshwa ngoMbasa odlule iminyaka emibili nengxenye ngecala lokuhluleka ukukhokhela izikweletu zakhe.
Kungakapheli ngisho nesonto ekhululiwe lo wesilisa oneminyaka engu-55 wenze ingxoxo ne-German Broadcast Sat 1 ngoLwesibili lapho eveze khona ukuthi esinye isiboshwa sazama ukumbulala.
“Empeleni ngake ngaba nengxabano nesiboshwa esasifuna ukungibulala,” esho ekhombisa ukudangala akukhombisa ngesikhathi eboshwa okokuqala.
UBecker ngaleso sikhathi owayeboshiwe ejele lase-Huntercombe uthe isiboshwa esibizwa ngoJohn samsabisa ngokumbulala.
Uthe uJohn ubesejele iminyaka engaphezu kwengu-16 ngemuva kokutholwa enamacala amabili okubulala eneminyaka engu-18.
UBecker uthe isiboshwa besingeneme ngokuthi enze ubuhlobo nezinye zeziboshwa ezimnyama.
Uthe ngesinye isikhathi uJohn wamsabisa ngokumnukubeza ngokocansi kanti uBecker wesaba ukuthi lokhu angakwenza ngempela aqede ambulale.
“Ngamemeza kakhulu zabe seziphuma iziboshwa zamsabisa,” etshela lowo owayexoxa naye.
Ngokusho kukaBecker iqulu leziboshwa cishe eziyishumi ezimnyama zafika zamsiza zavimba uJohn ukuthi angamlimazi.
Ngokusho kukaBecker, uJohn wayeyisiboshwa esiyingozi esasingaqondi ukuthi kungani uBecker enza ubuhlobo neziboshwa ezimnyama.
“Umhlaba wasejele uhlukile.”
Uchaze indlela uJohn azithoba ngayo kamuva wathi waya kuye eyocela uxolo nethuba lokubuyisana.
“Ngaqamba amanga ngamtshela ukuthi ngiyamhlonipha kakhulu,” kusho uBecker.
Luhlanganiswe nguMashudu Mabila
Isithombe esingenhla: EsikaBoris Becker
Umthombo wesithombe: CNN