Umsubathi owayengumsakazi uhlulekile ukuvikela isicoco sakhe 

Lubhalwe nguNkhesani Mthombeni

Owayengumsakazi wezindaba emsakazweni kanye nomsubathi uFreddy Rikhotso (70) wehlulekile ukuvikela isicoco sakhe sika-200m kuma-National Golden Games ngoLwesithathu.

Yize ehlulekile ukuvikela indondo yakhe yegolide, uFreddy obephethe izindaba ukwazile ukumuka nendondo yesiliva ngesikhathi esiyimizuzwana engu-33.7. Lo msubathi owaziwa ngelikaGautrain kubalandeli bakhe uthi ujabule ngendlela adlale ngayo nakuba ubefuna indawo yokuqala.

“Ngithanda ukukhuthaza ontanga yami ukuthi bangene kwezemidlalo ngoba kukugcina uphilile. Lezi zinhlobo zemidlalo zisinikeza ithuba lokuhlangana nabanye abantu abadala abavela emazweni ahlukene futhi lokho kuyangijabulisa kakhulu,” kusho uRikhotso etshela i-Scrolla.Africa.

Ngo-2019 wathola indondo yokuba ngumpetha e-Port Elizabeth ngesikhathi eqede umjaho ngemizuzwana engu-33.7 okuyisikhathi esingcono kakhulu kuye. Lo msubathi ubemele iqembu lase-Limpopo kanti uthi kuhlezi kuyintokozo ukumela isifundazwe sakhe.

Lo mcimbi wezinsuku ezintathu obekuqhudelana kuwo abantu abadala abaqhamuka emazweni ahlukene uqale ngoMsombuluko futhi uvulwe ngokusemthethweni nguNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi, uNksz Lindiwe Zulu enkundleni yezemidlalo e-Germiston.

Le midlalo ibihlanganisa imidlalo eyahlukene okubalwa i-jukskei, i-brisk walk, ezokusubatha, ibhola lezinyawo kanye ne-duck jump phakathi kweminye imikhakha.

URikhotso uke waba intatheli ye-SABC Munghana Lonene FM kanti wathatha umhlalaphansi ngo-2012.

Wazalelwa futhi wakhulela endaweni yasemakhaya e-Mafarana ngaphandle kwase-Tzaneen futhi ungumbhali owine imiklomelo yezincwadi ezingu-18 zesi-Tsonga ezinye zazo  zifundwa ezikoleni.

URikhotso utshele i-Scrolla.Africa ukuthi usekulungele ukubuyisa isicoco sakhe ngonyaka ozayo emcimbini ozoba se-Mpumalanga.

Osesithombeni esingenhla nguFreddy Rikhotso

Umthombo wesithombe:  Sithunyelwe

Izihloko zakamuva