Umsolwa obulale intombazanyana uholele amaphoyisa endaweni azi kahle ukuthi isidumbu asikho

Elmon Tshikhudo

Ngemuva kwezinsolo zokubulala ingane eneminyaka eyi-15 ubudala, leli bhungu lihole abantu bakule ndawo labayisa ehlathini lapho elithe le ntombazanyana yayiswa khona.

Leli bhungu litshele umphakathi namaphoyisa ukuthi yena nomfundi wesikole bahlaselwe indoda engaziwa ngemuva kokuba beye e-Lion Inn Resort esigodini sase-Tshivhilwi ngase-Thohoyandou.

Uphinde wathi le ndoda engaziwa yamsabisa ngokumbulala ngaphambi kokuba ithathe intombazanyana iyise ehlathini eliseduze iyikhombe ngommese. Uthe ayikho into ayengayenza ngaphandle kokuthi abaleke ashiye intombazanyana nomhlaseli ongaziwa.

Ukubulawa ngesihluku kukaTshinakaho Munyai eduze kwegaraji elisesigodini sase-Vondwe  ngaphandle kwase-Thohoyandou ngoMgqibelo ebusuku ngezithuba zehora lesishiyagalombili, kushiye isigodi simangele.

Isidumbu sale ntombazanyana esinegazi namanxeba amaningi okugwazwa sitholwe ngumuntu obezidlulela ngendlela ngeSonto ntambama.

NgoLwesibili amaphoyisa abophe umfana.

Okhulumela umndeni wakwaMunyai uKhuthadzo Munyai uthe isikhathi esinzima kakhulu lesi emndenini.

“Asikholwa ukuthi ngeke siphinde simbone. Lokhu kushona ngesihluku kusizwise ubuhlungu sonke. Uhambe ekhaya ejabule wangabe esabuya,” esho.

UKhuthadzo uthe okwenza kube kubi kakhulu ukuthi umbulali ngumfana wasendaweni oqambe amanga wabaholela ehlathini azi kahle ukuthi umbulale ngesihluku esikhulu.

“Umfana unamanga. Okubi kakhulu ukuthi umndeni wakhe ungumakhelwane wethu. Imindeni izobukana kanjani ngemuva kwalesi sigameko?” Kusho uKhuthadzo.

“Kumele sazi nokuthi yini emenze wambulala.”

Okhulumela amaphoyisa ase-Limpopo uBrigadier Motlafela Mojapelo ukuqinisekisile ukuboshwa komfana.

“Umsolwa ubekwe icala lokubulala kanti uzovela enkantolo maduze,” kusho uMojapelo.

Izihloko zakamuva