Umsizi kathisha uxoshwe ngemuva kokuzibulala komfundi

Sibonelo Zwane

Uxoshiwe umsizi kathisha osolwa ngokuhlukumeza umfundi obethandana nobulili obufanayo ogcine esezibulele.

UTiro Moalusi obefunda ibanga lesishiyagalolunye esikoleni samabanga aphezulu iPJ Simelane, e-Dobsonville udle ushevu wamagundane ngemuva kokuthi umsizi kathisha emgcone ngobulili bakhe phambi kwabafundi.

UTiro (15), ubezokwethula inkulumo yesiNgisi ngesikhathi ephendulwa inhlekisa umsizi kathisha okuthiwa ubembiza ngosisi/bhuti.

Okhulumela umndeni uPalesa Phuthagang uthe umndeni ubufuna ukubona umsizi kathisha othintekayo. Uthe lokhu kuzobasiza ohambweni lwabo lokululama.

Umndeni ubizelwe esikoleni ngoLwesibili olwedlule ukuthi uzokhipha isitatimende kodwa usanemibuzo eminingi engaphendulekile.

“Namanje uthishomkhulu uthi akamazi umsizi kathisha ngoba akamqashanga. Uthi utshelwe ngaye ngemuva kokushona kukaTiro,” esho.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eGoli uSteve Mabona, uthe i-South African Council for Educators (SACE) isiqale uphenyo ngalolu daba.

“Umphenyi wakwa-SACE usehlangene nezikhulu zesifunda sethu futhi bazosebenzisana ukuze kutholwe eminye imininingwane ngaleli cala,” usho kanje.

Umthombo wesithombe: @MambaOnline

Izihloko zakamuva