Umsindo ngomjaho wesikhumbuzo sesibhicongo saseNyobeni

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

Amaqembu abasubathi ase-East London asephendule umjaho webanga lika-21 km umbango.

Lo mjaho obuhlelwe i-Eastern Cape Liquor Board (ECLB) kuhlose ngawo ukukhumbula unyaka wokuqala yesibhicongo saseNyobeni lapho okwashona khona intsha engu-21 ngomhlaka-26 kuNhlangulana nyakenye.

Lo mjaho bekumele ubanjwe e-Scenery Park ngeSonto elokishini lapho okwashona khona intsha. Kodwa kudingeke ukuthi uthuthelwe e-Beacon Bay ngemuva kokungaboni ngaso linye phakathi kwabahleli neqembu labasubathi.

I-Scenery Park Athletics Club izwakalise ukukhathazeka ngemuva kokuthi leli bhodi lixhumane neqembu labasubathi base-Mdantsane, i-Real Gijimas ukuzolekelela ngokuhlelwa kwalo mjaho.

Okhulumela i-ECLB, uDkt Mgwebi Msiya uthe bebengazi ukuthi leli lokishi lineqembu lalo labasubathi ngesikhathi beqala ukuhlela.

“Into yokuqala esiyenzile ukuxoxisana nabazali futhi baye bajabula ngalokhu,” kusho uMsiya.

“Kodwa-ke, ngesikhathi siqala ukuhlela ngenxa yokuthi asinalo ulwazi lokuhlela umjaho sicabange ukumema i-Real Gijimas ukuthi izosisiza ngoba sesisebenze nayo iminyaka eminingi.”

Abazali bezisulu bathe abagculisekile ngesinqumo sokuthi umjaho uyiswe kwenye indawo.

UXolile Malangeni ongubaba owashonelwa indodana (17) kule nhlekelele uthe: “aseneme ngendlela umjaho ohlelwe ngayo. Kungani kufunwa imali yokungena? Futhi kungani kufakwe iqembu labasubathi base-Mdantsane? Siyaweseka umkhankaso webhodi kodwa bekumele basebenzisane nazo zonke izinhlaka.”

Isikhulu esiphezulu sebhodi uDkt Nombuyiselo Makala uthe lo mjaho ubuhlose ukukhulisa umyalezo ngobungozi bokuphuza utshwala ezinganeni ezincane.

“Sifisa ukusebenzisa lo mjaho ukukhumbula intsha yangakithi eyashona ethaveni Enyobeni. Ikhilomitha ngalinye limele umuntu osemusha owashona,” kusho uMakala.

Lo mjaho unemikhakha emibili – owokuqwashisa webanga lika-21km ogxile ekuphuzeni kwezingane ezincane kanye nowebanga lika-2.1km.

Abazongenela abanelayisensi yokugijima bazokhokha u-R100 okuyimali yokungenela bese kuthi abangenawo amalayisensi bakhokhe u-R150. Ukuhamba kuzobiza u-R20.

Leli bhodi lithe imali yokungenela izobhekana nezindleko zezindondo futhi akukho nzuzo ezotholwa.

Imiklomelo ihlanganisa u-R3,500 kodle umhlanganiso, u-R2,500 kophume isibili, u-R1,500 kowesithathu, u-R1 000 kowesine kanye no-R500 kowesihlanu.

Esithombeni esingenhla: Ingaphakathi lendawo yokucima ukoma edume kabi Enyobeni

Umthombo wezithombe: Facebook

Izihloko zakamuva