Razeen Gutta
Ukuvinjwa kukakaputeni we-Zambia uBarbra Banda kwi-Women’s Africa Cup of Nations (Wafcon) sekuqubule ukudideka kulandela ukufeyila kwemiphumela yokuhlolwa kwegazi lakhe.
UBanda oneminyaka engu-22 wavunyelwa ukubamba iqhaza emdlalweni wama-olimpiki nyakenye, kodwa wehlulekile ukuhlangabezana nemibandela edingekayo ye-Fifa ukuze abambe iqhaza kweye-Wafcon.
I-FA yase-Zambia (i-FAZ) isole i-Confederation of African Football (CAF) ngokumkhipha inyumbuzane yathi ukuphambana kwalo mthetho kudinga ukulungiswa.
“Bonke abadlali bekumele bahlolwe ubulili uma kuyisinqumo se-CAF futhi ngeshwa akafinyelelanga emigomweni ebekwe i-CAF,” kusho uMengameli we-FAZ u-Andrew Kamanga etshela i-BBC Sport Africa.
“Kumele sibhekane nalolu daba lokuqinisekiswa kobulili okubonakala kunobandlululo kulo mqhudelwano.”
Nokho i-CAF ikuchithile ukuthi ukuvalelwa ngaphandle komgadli kuqhamuke kubona njengoba nomqondisi wezokuxhumana uLux September ethe “asikho isinqumo esifana nalesi esithathwe ikomidi lezodokotela le-CAF.
UKamanga uphendule lezi zinsolo wathi “ngabe sinephutha uma singathi i-CAF ayiyona ingxenye yalokhu okwenzekile.
“Kuyishwa ukuthi sizithola siya kulo mqhudelwano ngaphandle kwabadlali bethu abasezingeni eliphezulu.
Noma yini eyenzekile kungenxa ye-CAF.”
“Thina siphoqelekile ukuthi senze izivivinyo bese sidlulisela imininingwane kwabe-CAF nabo ngokufanayo bahlole abadlali uma kunesidingo emqhudelwaneni.”
Njengamanje uBanda udlala ibhola lase-China i-Shanghai Shengli, kodwa kubikwa ukuthi sekuseduze ukuthi adlulele esigabeni esikhulu sase-Spain.
Umthombo wesithombe: @Goal