Lubhalwe nguDylan Bettencourt
IMamelodi Sundowns idlale ngokulingana neStellenbosch FC ngoLwesithathu ebusuku kanti isele ngephuzu elilodwa ku-Orlando Pirates ezihola phambili.
Uphatheke kabi umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso ngemuva kokuthi unompempe ephike igoli ngesikhathi bedlala neStellenbosch FC.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, uthi kunezinselela ezilinde iqembu lakhe embangweni wesicoco seBetway Premiership.
Ukusho lokhu ngemuva kokuthi iStellenbosch FC ibambe iSundowns ngo 1-1 eLoftus Versfeld ngoLwesithathu ebusuku.
Ukudlala ngokulingana kushiya iSundowns ngamaphuzu angu-57. Isele ngephuzu elilodwa ku-Orlando Pirates ezihola phambili ku-log. ISundowns isidlale imidlalo engu-24 kanti inomdlalo esandleni kuPirates.
UKatlego Ntsabeleng unikeze iSundowns igoli esiwombeni sokuqala somdlalo.
Ngomzuzu ka-53 unompempe ukhiphe igoli likaTashreeq Matthews nge-offside. ISundowns ibizohamba phambili ngo 2-0 ukube igoli libaliwe.
UCardoso uphatheke kabi kodwa wazama ukungasho okuningi.
“Ziningi izicupho esisazonyuka ngazo kuze kube sekugcineni. Angifuni ukukhuluma kakhulu,” esho.
Uthe udinga ukuzivikela, kodwa ukholelwa ukuthi imidlalo yamabonakude ikhombisa ukuthi uMatthews ubengekho kwi-offside.
UCardoso wenqabile ukukhuluma kabanzi ngonompempe. Uthe izintatheli nabantu abaphethe kumele bakhulume ngoba bayakwazi ukubuka ama-screens.
IStellenbosch FC ilwe kade umdlalo usuyophela. Sekusele imizuzu emine uKhulumani Ndamane udlalise kabi uChumani Butsaka.
Unompempe unikeze iphenalthi. UTshegofatso Mabasa ushaye iphenalthi ukuze azuzele iStellenbosch iphuzu.
Okulandelayo, iSundowns izodlala umdlalo osekuhambeni neRichards Bay ngeSonto.
UCardoso uthe iqembu lakhe kumele lizizwe likhululekile ukuziveza emidlalweni. Uthe iqembu selivuthiwe ukubhekana nengcindezi yombango wesicoco.
“Kumele sibe nolaka kwasekuqaleni ukuze singazivumeli ukuthi sibhekane namabhadi noma iphutha elincane elingase liguqule umdlalo,” kusho uCardoso.
Esithombeni esingenhla: Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uMiguel Cardoso.
Umthombo wesithombe: Ifayela
