Lubhalwe nguDylan Bettencourt
UFlavio da Silva ubeke iKaizer Chiefs phambili kodwa iStellenbosch FC yabuya namagoli amabili yanqoba ngo 2-1 ngoLwesibili.
UKhalil Ben Youssef uthe iKaizer Chiefs sekumele igxile kowe-Soweto derby ne-Orlando Pirates ngoMgqibelo e-FNB Stadium.
Umqeqeshi weKaizer Chiefs, uKhalil Ben Youssef, usexolisile kubalandeli ngemuva kokuthi leli qembu lithelwe othulini yiStellenbosch FC ngo 2-1 eFNB Stadium ngoLwesibili ebusuku.
UFlavio da Silva ubeke iChiefs phambili ngesiwombe sokuqala. Kodwa iStellenbosch FC yazilwela ngemuva kwekhefu, uLangelihle Phili noDevin Titus benza iChiefs ukuthi ihlulwa ekhaya kabuhlungu kuBetway Premiership.
UBen Youssef akazange azibambe ngemuva komdlalo. “Kumele sizibambele mathupha ngalokhu kulahlekelwa, kumele sixolise kubalandeli,” usho kanje.
Ubuze ukuthi kungani ezakhe zihluleka ukunqoba umdlalo ekubeni bezinethuba.
“Uma ushaya igoli lokuqala kumele uqedele, hhayi uyekelele ngisho usuthole amathuba ayisithupha kuya kwayisikhombisa esiwombeni sokuqala ugeje ngisho inethi ingenamuntu,” usho kanje.
UBen Youssef uthe imizuzu emihlanu yokuqala yesiwombe sesibili ishaye kakhulu iqembu lakhe.
“Kumele uzimisele ngesiwombe sokuqala, kufanele uwubulale umdlalo, bese kuthi ngesiwombe sesibili udedele ngemizuzu emihlanu. Kumele siwabone amaphutha ethu,” usho kanje.
Njengoba kuneSoweto derby ne-Orlando Pirates eFNB Stadium ngoMgqibelo, uBen Youssef uthe asikho isikhathi sokugxila kulo mphumela.
“Sinezinsuku ezintathu zokucabanga ngomdlalo olandelayo. Asinaso isikhathi esiningi sokuxoxa ngalo mdlalo,” esho.
Uthe ukugcina abadlali bejabulile kuseqhulwini manje.
“Kulo mzuzu onzima, kufanele ucabange ngomqondo wabadlali ukuze ubagcine – noma ngabe siyawina noma sihluliwe, siyaqhubeka nokusebenza. Ezinsukwini ezimbalwa, yi-derby. Kufanele siqale ukucabanga ngalokho manje,” esho.
Esithombeni esingenhla: IKaizer Chiefs izifudumeza e-FNB Stadium.
Umthombo wesithombe: @KaizerChiefs
