Umqeqeshi wase-Zambia uvele enkantolo ngecala lokuthinta izinqa zowesifazane

Joseph Chirume

Umqeqeshi wase-Zambia, uMilutin Sredojevic ufunda ngendlela ebuhlungu ukuthi ukuthinta umzimba womuntu wesifazane ngaphandle kwemvume akuyona into yokudlala. 

USredojevic uvele okwesibili namuhla eNkantolo yeMantshi yase-New Brighton e-Qqeberha, phambilini eyayiyi-Port Elizabeth, ebhekene namacala okuhlukumeza ngokocansi.

Uzophinde avele mhla zingama-25 kuNhlaba ekuqulweni kwecala eNkantolo yeMantshi e-Port Elizabeth. Ibheyili yakhe yezi-R10,000 yanwetshwa ngalolo suku.

Okhulumela i-NPA esifundeni, u-Anelisa Ngcakani uthe ngesikhathi semidlalo ye-Cosafa e-Qqeberha mhla zi-7 kuMasingana, owesimame wathatha ikhofi likaSredojevic e-Wolfson Stadium wambuza ukuthi kukhona yini okunye akudingayo. Kuthiwa wathi udinga olunye uhlobo lukashukela, emkhomba izitho zakhe zangasese.

Ummangali wakhononda kumphathi wakhe owaxwayisa uSredojevic, kodwa ngokuhamba kosuku uSredojevic kuthiwa wamthinta izinqa.

Icala lasenkantolo lihehe iqembu elincane lezishoshovu zabesifazane abafike ukuzokweseka isisulu.

Okhulumela i-ANC ye-Young Women’s Desk, uNomafa Sinetile utshele abakwa-Scrolla.Afrika ukuthi, bekuyicala elibaluleke kakhulu ngoba bekungekhona ukudlwengulwa futhi lungekho nolaka.

“Kunakwa kakhulu amacala okudlwengulwa kodwa nokuthinta umzimba womuntu wesifazane ngaphandle kwemvume yakhe nakho kuyindlela embi yokudlwengula. Lokho ukuhlaza umzimba nokunciphisa isithunzi salowo ohlukunyeziwe,” kusho uNomafa.

“Sifuna ukubona ubulungiswa benziwa futhi leli cala kumele lenze isibonelo sokuthi imizimba yabesifazane akumele ithintwe ngaphandle kwesivumelwano. Umthetho waseNingizimu Afrika kumele ube yisibonelo esihle ngaleli cala.”

Izihloko zakamuva