Umphathi wakwa-Eskom uthi angeke asule esikhundleni

Kamogelo Muvhenzhe

Njengoba izwe  libhekene nokucishwa kukagesi, isikhulu sakwa-Eskom u-Andre de Ruyter usichithile isiphakamiso sokuthi asule esikhundleni, uthe akayi ndawo.

“Angizimisele ngokusula esikhundleni ngokuzithandela,” kusho uDe Ruyter esithangamini sabezindaba ngoLwesibili.

NgoMsombuluko, i-Black Business Council (i-BBC) icele uDe Rute kanye nebhodi lonke lakwa-Eskom ukuba benze kanjalo bashiye umsebenzi.

I-BBC ithi uDe Ruyter akazuzanga lutho emsebenzini futhi wenze izinto zaba zimbi kakhulu.

“Besinethemba elikhulu ngesikhathi kuqokwa u-De Ruyter, njengoba u-Eskom ubudinga uzinzo, kodwa esikubonile kule minyaka emibili yakamuva, alukho oluphathekayo ngaphandle  kwenani eliphakeme kakhulu lokucishwa kukagesi emlandweni waseNingizimu Afrika yethu esiyithandayo,” kusho isitatimende somkhandlu.

Lesi sinqumo sisekelwe yi-National Union of Mineworkers, ethe ubuholi bukaDe Ruyter’s  wadayisela abantu baseNingizimu Afrika “ikati elifile”.

“Wabathembisa ukuthi bazoyixazulula inkinga yokucishwa kukagesi ezinyangeni eziyi-18.  Bahlulekile ukuhlangabezana nalokho ababekuthembisile. 

Esikudingayo ubuholi obuzogcina izibani zivutha,” kusho iNyunyana esitatimendeni.

Inkampani kagesi ingene kwisigaba sesine sokucishwa kukagesi ngoMsombuluko kuyoze kube uLwesihlanu.

“Sisebenza ngokuhlakanipha  nangentokozo yebhodi. Uma ibhodi libona kufanelekile basule, leso isinqumo sabo okumele basithathe. Asikaze sibe nezingxoxo mayelana nalokhu kuze kube manje.”

UDe Ruyter wengeze ngokuthi kungcono ukuvumela ukuqhubeka kwabaphathi bamanje babhekane nesimo esibucayi.

U-Eskom ulindele ukuthi amayunithi abuyele esimeni kusukela ngoLwesithathu futhi ukucishwa kukagesi kuphele kulempelasonto.

“Sihlose ukumpompa amadamu aze afike ezingeni eliphezulu futhi siphinde sigcwalise nezindawo ezigcina udizili. 

Umbono wokucinywa kukagesi uthi kuzokwehlwa kungenwe esigabeni sesithathu kusukela ngoLwesithathu ekuseni kuze kube nguLwesihlanu ngehora lesihlanu ekuseni bese kulandela isigaba sesibili kuze kube uMgqibelo ekuseni bese kuyaphela ukucishwa kukagesi,” kusho uDe Ruyter.

Izihloko zakamuva