Umphakathi wase-Limpopo uhlalele ovalweni ngemuva kokushona kowesifazane obulawe yizingwenya e-Nandoni Dam

Elmon Tshikhudo

Sekuphele iminyaka eminingi abantu basemakhaya abahlala onqenqemeni lwedamu elibizwa nge-Nandoni Dam bephila ngokwesaba, ngenxa yezingwenya eziseduze. Ngebhadi lokho abakade bekusaba sekuvele kwenzeka.

Ngosuku lukaNcibijana, uHumbulani Mudzanani obeneminyaka engu-25 ubudala wase-Tshitomboni ngaphandle kwaseMalamulele ushonele emfuleni njengoba ubejwayele ukugeza nokuwashela khona.

Ngesikhathi umndeni wakhe nezinye izakhamuzi zibona ukuthi sesiside isikhathi engabuyile emfuleni, bahamba bayomfuna. Baqale bathola izingubo zakhe zomile emahlathini. Kuthe uma beqhubeka nokuthungatha bathola izitho zomzimba wakhe okubalwa nekhanda lakhe eduze.

Libukeka lishabalala ithemba loluthi abahlali abaseduze nedamu i-Nandoni Dam basazothola amanzi aphuma empompini ezindlini zabo.

Idamu elikhulu e-Limpopo, lihlinzeka ngamanzi ezindaweni eziningi zesifundazwe kodwa abahlala eduze baphoqeleka ukuthi babeke izimpilo zabo engozini uma beyokha amanzi emfuleni i-Luvuvhu ogcwele izingwenya.

Okhulumela umndeni uGodfrey Sithomola uthe umfula ogcwele izingwenya yiwona wodwa umthombo wamanzi kule ndawo.

“Uhulumeni wethu uhlulekile, ukube amanzi akhona ngabe akwenzekanga lokhu,” kusho uSithomola.

“Njengomndeni onhlwempu asazi nokuthi senzeni kodwa siyajabula ukuthi umholi wethu wendabuko uThovhele Ramovha uzibophezele ekuxhaseni umndeni ngokugcwele.”

UMnu uLufuno Mpondi oqhamuka ebukhosini bakwaMmbubana uthe nabo bakhathazekile ngokushoda kwamanzi endaweni.

“Sihlala onqenqemeni lwedamu kodwa asinawo amanzi,” kusho uLufuno.

“Unyaka nonyaka sizithola sikulesi simo lapho njalo kumele singcwabe abathandiweyo bethu abahlaselwa izingwenya.

Okhulumela umasipala wesifunda sase-Vhembe, uMatodzi Ralushai, ukuphikile ukuthi abawuhlinzeki umphakathi ngamanzi.

“Sisanda kunikezela ngezinhlelo zamanzi ezigodini kanti nohlelo lwamanzi lwase-Nandoni luzothuthukiswa ukuze luhlinzekele imiphakathi amanzi amaningi,” kusho Matodzi.

“Sicela abantu bangalinge bangene emifuleni ogcwele izingwenya.”

Izihloko zakamuva