Umphakathi wase-Kagiso usukhethe ukuzibambela mathupha

Everson Luhanga

Bebephethe izimvubu, amafosholo, izando, amatshe, nezinduku, izakhamuzi zase-Kagiso ngesikhathi zingena ngoLwesine zizoxosha abavukuzi kanye nabantu abaqhamuka emazweni angaphandle emiphakathini yabo.

Izakhamuzi zase-Kagiso ebezithukuthele zihlangene zaxosha wonke umuntu ezimusola ngokuvukuza ngokungemthetho.

Impi yokuqeda abavukuzi e-Krugersdorp nakwezinye izindawo ezakhelene nayo isiqalile.

Abantu bakule ndawo basola abavukuzi nabesilisa abaqhamuka  e-Mozambique, e-Lesotho nase-Zimbabwe ngokwanda kwezinga lobugebengu emphakathini yabo.

Abantu bakule ndawo abazi lapho kuhlala khona abavukuzi, kodwa baqonde emijondolo yabo ese-Soul City.

Leli qembu eliholwa kakhulu ngabesilisa abanomndlandla futhi abebethukuthele ligqekeze le mijondolo lisebenzisa izando namafosholo.

Ngesikhathi abavukuzi bebona umphakathi uza ngakubo babalekile.

Abanye babavukuzi batholakale emijondolo yabo. Bezama ukubaleka baxoshwa njengezilwane zasendle.

Babanjwa, baboshwa ngezintambo, bafakwa emavenini. Amanye amaveni abe namakhenopi kanti amanye abengenawo.

Bebehleli emavenini bengakwazi ukwenza lutho beshuthwa amakhamera ezintatheli nabasebenzisa omakhalekhukhwini njengoba bebelinde abashayeli ukuthi babayise esiteshini samaphoyisa ukuze bavalelwe.

Abavukuzi abakwazile ukubalekela isixuku bebenendawo eyodwa yokucasha imigodi engasasebenzi, izindawo ezilahlwa ezimayini isikhathi eside bacasha lapha ukuze bathole umkhondo wegolide nezinye izinto.

Bangene emigodini bebalekelwa ukuhlaselwa.

Kuthe uma bethola ukuthi iningi labavukuzi abekho emijondolo yabo isixuku sashintsha sagxila emigodini nasemihubheni.

Izakhamuzi zibhekane nomlilo njengoba abavukuzi bebehlomile bededela inhlamvu.

Abanye abahlali babaleke bayocasha, kodwa abanye bathola izimbobo banyamalala ngaphansi komhlaba bezingela abavukuzi.

Amaphoyisa afike aphonsa isisi esikhalisa unyembezi emigodini.

Izakhamuzi zavala imigodi ngamatshe amakhulu zenza isiqiniseko sokuthi noma ubani owehlele lapho ngeke ayithole indlela yokuphuma.

IPhini likaKhomishana wesifundazwe sase-Gauteng uMajor General Tommy Mthombeni uthe bazosebenzisana nemboni yezimayini ukwenza isiqiniseko sokuthi wonke umuntu uphumela obala.

Kodwa abavukuzi bayayazi indlela yokuphuma. Ngesikhathi kuvaliwe bacashe emhubheni ngoba besaba ukuthi uma bephuma bazozithela phezu kwamaphoyisa. 

Iningi labasebenzi basezimayini abafana nabesilisa abahluphekile futhi abalambile abavela ezindaweni ezimpofu kakhulu e-Afrika.

Babekezelela ubunzima bempilo bengabavukuzi bachitha amasonto behamba ngaphansi komhlaba bezingela amatshe ezindaweni  zezimayini ezavalwa kudala.

Abaningi babavukuzi ababoshiwe bekuyizingane ezineminyaka engu-12 ubudala abafana abasempini enzima befuna ukuphila.

Kodwa manje sebethathwa njengezigebengu ezinzima bashaywe futhi baphonswa ezitokisini zamaphoyisa zase-Kagiso.

Izihloko zakamuva