Lubhalwe ngu-Anita Dangazele
Umphakathi wase-Eastern Cape ubuhlangene ukuze usize umfana oyintandane wase-Elliotdale ngemuva kokusabalala kwevidiyo yakhe ecela usizo ngomfaniswano wesikole nezinye izidingo ezinkundleni zokuxhumana ngesonto eledlule.
ULubabalo Ndevu ofunda uGrade 11 eZwelenqaba Senior Secondary School esigodini saseThafalehashe, e-Elliotdale, washonelwa ngabazali bakhe bobabili esemncane.
Wathathwa umndeni wakwaMsindwana eminyakeni embalwa edlule.
UMnuz Msindwana uthe wahlangana noLubabalo ngesikhathi umfana egibela kuye lapho ebuya emsebenzini ngelinye ilanga.
“Ngamangala ngibona umfana omncane ehamba emisa izimoto. Ngaqala ngadlula ngakuye, kodwa kwaba khona into ethi angimgibeze. Ngaqala ngambuza imibuzo ngabona ukuthi kusekude lapha eya khona.
“Wangitshela ukuthi uphuma kwa-anti wakhe esigodini saseShinira futhi wayeya kubo eProspect Location. Ngabona ukuthi luselude ukhalo asazoluhamba ngoba kuzomele ahambe ibanga elingu-5km ukusuka lapho angicele ukuba ngimehlise khona,” kusho uMsindwana.
Unkosikazi wakhe, uNolusapho Msindwana uthe umyeni wakhe wamtshela ngokuhlangana nomfana omncane.
“Ngesikhathi engixoxela ngodaba lwalo mfana, ngabona ukuthi ukhathazekile. Ngathi kuye akalethe umfana. Uzohlala nathi uzodla esikudlayo,” kwengeza uNkk Msindwana.
Yize abakwaMsindwana bethathe uNdevu kodwa abakwazi ukumnika yonke into.
Ngemuva kokuphuma kwevidiyo ekhasini leFacebook le-Children’s Rights Activist Petros Majola, elithi Khula Development Project, abantu namaqembu ezinhlaka ezahlukene banikele ngenhloso yokusiza lo mfana.
NgoMsombuluko kufike abaxhasi namalungu omphakathi bephethe izipho zikaNdevu.
UNdevu uthole umfaniswano wesikole, izingubo zokugqoka nezinye izinto ezizomsiza njengoba ehlela ukusondela esikoleni.
“Ngithanda ukubonga wonke umuntu oyizwile indaba yami wanikela ekwenzeni impilo yami ibe ngcono. Ngithanda ukubonga ikakhulukazi uNgqongqoshe uFundile Gade ngokunikela ngezidingo zami. Lokhu kuzongiphoqa ukuthi ngisebenze kanzima esikoleni,” kusho uNdevu.
Phakathi kwalabo abanikele kubalwa uNgqongqoshe wezeMfundo e-Eastern Cape, uFundile Gade, okhulumela uMnyango wezeMpilo e-EC, uSizwe Kupelo, nabanye abaningi okuhlanganisa nozakwabo afunda nabo, abazibophezele ekuhlanganiseni iminikelo yemali yakhe nyanga zonke.
Esithombeni esingenhla: uLubabalo Ndevu, othole iminikelo emphakathini wase-Eastern Cape.
Umthombo: Facebook
