Umphakathi uvuke umbhejazane wavala umgwaqo e-EC

Zukile Majova

“Uhulumeni wethu uzwa kangcono uma abantu sebebhikisha.”

Umshayeli wamabhasi othutha abafundi ezikoleni ezahlukene KwaBhaca usho kanje ngemuva kwesinqumo sabashayeli bamatekisi namabhasi e-Eastern Cape sokuvala umgwaqo onguthelawayeka u-N2 ngoMsombuluko.

Uhulumeni wase-Eastern Cape uhlulekile ukubakhokhela ngoZibandlela nangoMasingana, okwenza imali okumele ayikhokhe ibe ngaphezu kuka-R73 million.

Ngakho ngesonto eledlule imboni yamatekisi isabise ngokususa uthuthuva – ngokuvimba izingane ukuthi ziye esikoleni, abahola impesheni angeke bakwazi ukuya emadolobheni kanye nabashayeli bamaloli abathwala impahla angeke bakwazi ukufinyelela edolobheni.

Impelasonto yonke bekunezinsongo  ngembhikiso okuhelele ekutheni abaningi banqume ukungayi emsebenzini ngoMsombuluko, ngoba besaba ukuthi amaphoyisa ngeke akwazi ukubavikela uma sekuqala umbhidlango.

Asikho nesisodwa isitatimende esisakhishwa abomthetho.

Lokhu kusabisa kuphoqe uNdunankulu u-Oscar Mabuyane ukuthi abize abashayeli bamatekisi ukuze kuxoxwe ngalolu daba.

UNgqongqoshe wezokuThutha e-Eastern Cape, uWeziwe Tikana Gxothile ukuqinisekisile ukuthi bahlanganise u-R33 million wabe esewufaka kuma-akhawunti abashayeli.

“Isamba sika-R33 million ku-R73 million sesikhokhiwe safakwa kuma-akhawunti abashayeli. Imali engu-R40 Million isifakiwe kodwa izovela kuma-akhawunti asebhange ngomhlaka-22 kuNhlolanja leyo ngeyokuqala . Enye yesibili izokhokhwa ngomhlaka-25 kuNhlolanja”, kusho uNgqongqoshe.

Lokhu kuzothumela umyalezo omubi futhi kuzoba nomthelela omubi ngoba sizokhuthaza abanye ukuthi benze okufanayo kodwa bathi “umbhikisho ilona ulimi uhulumeni alizwa kangcono”.

Umgwaqo u-N2, okuwumzila omkhulu wezomnotho e-Eastern Cape, ugcwele izinkuni ezishisiwe njengoba umphakathi uvele waya kobhikisha kuwona.

Bedinwe amakhansela nezimeya ezivele zihlabe amakhanda phansi zingabanaki, umphakathi uvale umgwaqo ngezingodo ezivuthayo namathayi.

Lemibhikisho ivamise ukuthela izithelo ngoba okusuke kudingeka kuvamise ukutholakala.

Izihloko zakamuva