Umphakathi uvale isiteshi samaphoyisa

Everson Luhanga

Ngemuva kwesonto kudutshulwe  abantu abayisikhombisa, abahlali base-Tembisa abathukuthele abagane unwabu bamashele esiteshini samaphoyisa i-Tembisa Rabasotho befuna ukuthi sivalwe ngoba asiwuvikeli umphakathi.

Kushone abantu abathathu kwabayisikhombisa abadutshuliwe.

Isigameko sakamuva senzeke ngoLwesihlanu olwedlule ngenkathi kuthiwa iphoyisa ebelingekho emsebenzini lidubule labulala owesilisa obezama ukumbamba inkunzi. Iphoyisa liye lagwazwa kule ngxabano futhi lisasesibhedlela.

Umholi womphakathi uTatu Mahlangu uthe badumele ngendlela isiteshi samaphoyisa esisebenza ngayo.

“Asiwaboni amaphoyisa ezulazula emiphakathini. Awabonwa nangokhalo amaphoyisa,” kusho uMahlangu etshela i-Scrolla.Africa.

Uchaze ukuthi abahlali kumele balinde amahora angaphezu kwamahlanu ukuze amaphoyisa afike endaweni yesigameko.

“Ezikhathini eziningi sitshelwa ukuthi awekho amaphoyisa futhi awekho namaveni amaphoyisa azothunyelwa ukuze azobheka ubugebengu obenzekile,” kusho uTatu.

Ingxabano phakathi kwamalungu omphakathi namaphoyisa esiteshini ithathe isikhathi esingaphezu kwamahora amahlanu, njengoba amalungu omphakathi abediniwe ebenqaba ukusuka kwaze kwaba  ukuthi amaphoyisa athunyelwa ngokushesha ezindaweni ezinobugebengu.

Ngesikhathi ingxabano iqhubeka, elinye ilungu lomphakathi liye lathumela i-voice note kothile besesiteshini lisho ukuthi libanjwe inkunzi lakhonjwa ngesibhamu.

Ngesikhathi umphathi wesiteshi uBrigadier Roopchand Sookraj ekhuluma nabahlali  ebebethukuthele begane unwabu, uvumile ukuthi amaphoyisa awabonakali ezindaweni yesigameko futhi waqinisekisa abahlali base-Tembisa ukuthi bazobona amaphoyisa engeziwe ezulazula ezitaladini.

UBrigadier Sookraj unxuse abahlali ukuthi basebenzisane namaphoyisa futhi babikele izikhulu ngobugebengu.

Omunye umholi womphakathi uThabiso Chere uthe sekwande izigameko zabantu abazithathela umthetho ngezandla endaweni ngoba amaphoyisa ahudula izinyawo uma kumele ehambele izigameko zobugebengu.

“Abantu sebekhathele ukuncenga amaphoyisa ukuthi enze umsebenzi wawo,” kusho uChere.

Okhulumela amaphoyisa uKaputeni Manyadza Ralidzhivha ukuqinisekisile ukuthi sekuqubuke ubugebengu obubucayi e-Tembisa.

“Kuneqembj lezigebengu ezihlomile ezihamba ngemoto ezigebenga abantu futhi zigqekeza izindlu zabantu zifuna omakhalekhukhwini,” kusho uKaputeni Ralidzhivha.

“Sinamacala avuliwe esiteshini samaphoyisa kanti amaphoyisa asawaphenya lawo macala.”

Izihloko zakamuva