Umphakathi ushise owesilisa obesolwa ngobugebengu

Lubhalwe ngu-Everson Luhanga

Babalelwa ku-50 abantu okuhlanganisa nezingane zesikole ebezigqoke umfaniswano abebebukele ngesikhathi amalungu omphakathi ebedinwe egane unwabu eshaya owesilisa, amfaka ithayi emqaleni, amthela ngophethiloli maqede amshisa.

Akekho noyedwa esixukwini owenze okuthile ngesikhathi bebuka le ndoda ikhala ngomunyu nangosizi isha yaze yangqongqa.

Ushone ngesihluku ngemuva kokushaywa kabuhkungu waphinde washiswa esaphila!

Ube ngumuntu wesihlanu ukushiswa ephila phakathi namahora angu-12 elokishini lase-Alexandra e-Setjwetla.

Ekhuluma ne-Scrolla.Africa, omunye umqaphi ocele ukungadalulwa igama uthe bebethungatha izigebengu ezihlukumeza umphakathi. Uthe bebelokhu bebheka abazenza abaqaphi basemgwaqeni abebevikela umphakathi ngokuzulazula emigwaqeni ubusuku nemini.

Uthe bafice owesilisa emgwaqeni egcwele igazi ezandleni nasezicathulweni.

“Simbuzile ukuthi igazi beliphumaphi. Akazange asinike impendulo efanele. Sibe sesimcela ukuthi asiyise lapho ehlala khona. Wenqaba ukwenza kanjalo.”

Kungaleso sikhathi-ke lapho abaqaphi bemgaxe ozankosi, umphakathi wavele wagila izimanga wamhlasela.

Isixuku ebesithukuthele sithathe lo wesilisa samyisa lapho umphakathi oshaye khona washisa abasolwa abane  ngoLwesibili ebusuku.

Njengabasolwa abane, ushaywe kabuhlungu ngezinsimbi, izimvubu, amatshe, nezinduku.

Ngesikhathi ithimba le-Scrolla.Africa lifika endaweni yesigameko ngabo-3:30 ntambama, lo owesilisa ubesaphila, opha kakhulu ebukelwe isixuku ebesithukuthele.

Ngokuhamba kosuku uphushelwe eceleni komgwaqo wabhunyelwa ngophethiloli washiswa kubuka bonke abantu. Akekho osendelile ukuze asindise impilo yakhe emalungwini omphakathi abethukuthele. 

Ushe waze washona.

Ngesikhathi abosizo lokuqala namaphoyisa befika, ubesevele eshonile. 

Abebebukele bebebona amalangabi emzimbeni wakhe.

Ekuseni ngoLwesithathu, i-Scrolla.Africa sikhulume nenhloko yabaqaphi bendawo e-Setjwetla, u-Emmanuel Ramahlo okuqinisekisile ukuthi amalungu akhe abophe abasolwa abane bokuqala.

Kodwa-ke, u-Emmanuel uthe umphakathi oshaye abasolwa, hhayi onogada.

Abaqaphi basemgwaqeni okuyizakhamuzi ezizinikele ngokuzulazula emigwaqeni yase-Alex zivikele umphakathi, zihlaselwa izigebengu ezihlomile. Kusukela ekuqaleni kukaNhlaba, amalungu ethu amathathu adutshulwa abulawa kwathi amanye  amaningi athola amanxeba okudutshulwa.

Abaqaphi bafunge bagomela ukuthi impi bazoyibuyisela ezigebengwini bathi bazozingela ngamunye ngamunye.

Esithombeni esingenhla: Indawo yesigameko sokubulawa kwesisulu esithwetshulwe ngobesophahleni ukuze agweme ukubonwa isixuku.

Umthombo wesithombe: Everson Luhanga

Izihloko zakamuva