Umphakathi ushaye wabulala izigebengu ezimbili

Everson Luhanga

Umphakathi ubuhlalele ovalweni ngamadoda owabiza ngezigebengu zamathuna. Kodwa ngoLwesibili bahlokoloze iso labahlali – bakhokha ngezimpilo zabo.

Izigebengu ezimbili zishaywe zakhandwa ngamatshe zaze zashona ngemuva kokubamba inkunzi owesifazane obefike ezohlonipha ingane yakhe engasekho emathuneni ase-Alexandra, enyakatho neGoli.

Lezi zigebengu ezingaziwa zizame ukubamba inkunzi lo wesifazane zimkhombe ngesibhamu zifuna umakhalekhukhwini wakhe, iwolintshi ne-apula.

Kodwa abazange bacabange ngomfundisi uSibusiso Thonjeni ohlala eduze kwamathuna.

“Ngesikhathi ngizwa lo wesifazane ememeza, ngisukume ngayobheka ukuthi kwenzakalani,” kusho umfundisi uThonjeni etshela i-Scrolla.Africa.

“Kodwa ngaphambi kokuba ngifike kulo wesifazane, ngihlangane nabesilisa ababili abangikhombe ngesibhamu.”

Uthe omunye walaba balisa utshele lo omunye ukuthi amdubule.

“Bengithuke kakhulu. Ngivele ngaqhaqhazele ngabuye ngagijimela usizo komakhelwane,” kusho yena.

“Abantu abaningi bezwe ukukhala kowesifazane. Abantu bashaye izimpempe zabo bamemeza bathi vimba, vimba! ”

Ngemuva kwalokho abahlali babambe izigebengu baqala ukuzishaya.

Umfundisi uThonjeni uthe indoda ebiphethe isibhamu isilahle phansi isikhali ngesikhathi izama ukubalekela umphakathi obuthukuthele. Ngokuhamba kwesikhathi amaphoyisa athole ukuthi isibhamu besinenkinga futhi asikwazi ukudubula.

Usihlalo we-Community Policing Forum kule ndawo uPhologo Mogwera, uthe lezi zigebengu zivumile kumphakathi ukuthi yizona ezabamba inkunzi, zadubula zabulala insizwa emphakathini owodwa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule.

“Siyabazi,” kusho uMogwera.

“Kade baqala ukwethusa abantu. Bebefanelwe ukufa.”

Uthe umsolwa oyedwa ushonele endaweni yesigameko kwathi omunye washonela endleleni eya esibhedlela.

“Kungcono bathuliswe unomphela,” kusho uMogwera.

Okhulumela amaphoyisa ase-Bramley uWarrant Ofiicer Aaron Lebuso ukuqinisekisile ukuthi amaphoyisa aphenya icala lokubulala elibhekene nabaqaphi.

“Akukaboshwa muntu okwamanje kanti uphenyo luyaqhubeka,” kusho uLebuso.

Izihloko zakamuva