Umphakathi ubhidlize umjondolo wosolwa ngokubulala ingane (8)

Lubhalwe nguBuziwe Nocuze

Kugcwale amalangabi okuziphindiselela esibhakabhakeni eNyanga eKapa ngempelasonto ngesikhathi umphakathi ushisa umjondolo wowesilisa osolwa ngokubulala ingane.

Umsolwa usolwa ngokubulala uLukhololwam Mkontwana oneminyaka eyisishiyagalombili owathunjwa ngoMandulo 2022 edlala nezinye izingane ngaphandle komuzi wakubo.

Abathumbi bafuna ukukhokhelwa u-R100 000.

Ekuqaleni kwale nyanga kuboshwe umakhelwane kaLukhololwam okushiye wonke umphakathi udinwe ugane unwabu ngoba ubephakathi kwabantu ababethungatha umfana.

Ngempelasonto umphakathi ushise wacekela phansi umjondolo wakhe.

Ilungu lomndeni eligodle igama lalo lithe nakuba umsolwa esagqunywe esitokisini abakwazi ukuhlala nje bangenzi lutho.

“Ngelanga avela ngalo enkantolo wathi akayifuni ibheyili, ufuna ukuhlala ngaphakathi,” kusho isakhamuzi esingathanda ukudalulwa igama kodwa siyazi ukuthi lokho kungashintsha uma esethole ummeli ngoba wayengenaye.

“Sifuna ahambe ayohlala kwenye indawo uma ephuma.”

Ummangalelwa utshele inkantolo ukuthi uhlala endaweni eyodwa nomama wakhe kodwa emjondolo ohlukene.

“Umama kamsolwa naye sifuna athole enye indawo yokuhlala,” kusho isakhamuzi, “Asimfuni lapha ngoba ubekhuluma izinto ezingelona iqiniso ngendodana yakhe ngakho kumele ahambe.

UNksz Nophumlile Mkontwana ongugogo kamufi (71) kudingeke ukuthi aphuthunyiswe esibhedlela emuva kokuzwa izindaba zokuboshwa kukamakhelwane kanti kudingeke ukuthi aphuze amaphilisi okulala ukuze amsize aphumule.

“Bengise-Eastern Cape [ngesikhathi eboshwa], bengingakholwa ukuthi umakhelwane wami engimthatha njengomndeni nguyena owenze lokhu,” kusho uMkontwana.

“Ubehlale ebuza ngenqubekela phambili mayelana nengane elahlekile. Asikaze sicabange ukuthi kungaba umuntu osondelene nathi kangaka.

 “Ukuboshwa kwakhe kuvule inxeba. Asikaze saphola kule nhlekelele. Ukuboshwa kwakhe kusibuyisele emuva kwasivusela amanxeba sakhumbula usuku uLukhololwam atholwa ngalo elahliwe ehlathini,” kusho uMkontwana.

Esithombeni esingenhla: Abahlali baseNyanga bacekele phansi umjondolo womlisa osolwa ngokuthumba nokubulala ingane eneminyaka eyisishiyagalombili.

Umthombo wesithombe: Buziwe Nocuze

Izihloko zakamuva