Umpetha wesibhakela ulinde iminyaka eyi-15 ukuthola inkokhelo yokulimala ekhanda

Linda Ximba

Kunesikhathi lapho u-Innocent Mthalane ebeyimbangi esatshwayo eringini.

Kodwa namuhla lo mpetha obengumpetha we-SA featherweight usele dengwane.

Sekuphele iminyaka eyi-15 elinde ukukhokhelwa yi-Boxing SA ngemuva kokulimala ekhanda okwaqeda umsebenzi wakhe ngowezi-2007.

Uthi i-Boxing SA ibihleli emalini obefunanele akhokhelwe zona zokuhlumelelisa ezivela esikhwameni senhlangano obekufanele uMthalane ayithole selokhu aphoqeleka ukuthi athathe umhlalaphansi.

Lo mshayisibhakela osethathe umhlalaphansi uthe kusuka ngesikhathi eqala umsebenzi wokushaya isibhakela ngowe-1995, i-Boxing SA yayijwayele ukudonsa u-1.5% emalini yomklomelo eyayidluliselwa esikhwameni sabashayisibhakela.

UMthalane ubephethe isicoco sikazwelonke ngowezi-2000 nangowezi-2001, waqeda umsebenzi wakhe oncomekayo ngezimpi ezingama-26 enqobe eziyi-18, wahlulwa eziyisikhombisa kanye nokudlala ngokulingana okukodwa.

Uthi akakaboni lutho oluvela kulesi sikhwama.

Lesi sikhwama sabashayisibhakela kufanele sikhokhele ukuvuselelwa komshayisibhakela olimale ngesikhathi somdlalo osemthethweni.

“Nginemibhalo efakazela ukuthi ngalimala ekhanda ngenxa yokulwa kaningi eringini,” kusho uMthalane, ekhuluma evela esigodini sangakubo eMpendle KwaZulu-Natali e-Midlands.

Uthe uzame kaningi ukubuza kwi-Boxing SA ngenkathi esebenza khona njengomqeqeshi kodwa wangathola sizo.

Ubaba wezingane ezimbili oneminyaka engama-45 uthe impilo inzima njengoba engenakwenza lutho ngaphandle kokuchitha isikhathi sakhe ekhaya.

Isikhulu esiphezulu esibambile se-BSA uCindy Nkomo uthembise ukulubheka lolu daba.

Izihloko zakamuva