Umpetha we-Formula 1 ucabanga ngokuthatha umhlalaphansi

Dylan Bettencourt

Umpetha womhlaba we-Formula 1 uMax Verstappen uphakamise ukuthi angase angabuyeli kwezemidlalo uma isivumelwano sakhe samanje siphela ngonyaka ka-2027.

UVerstappen uchaze ukuthi ubengakacabangi ukuthi uzophela nini umsebenzi wakhe we-Formula 1 noma uzosayina isivumelwano esisha uma sesiphela lesi esikhona isivumelwano sezigidi zamarandi ne-Red Bull.

“Angikakanqumi ukuthi ngizokwenzenjani ngemuva kuka-2028. Mhlawumbe ngizoyeka. Ngibe kwi-F1 kusukela ngineminyaka engu-17 ubudala isikhathi eside leso. Mhlawumbe Ngifuna ukwenza okuhlukile,” kusho lo mdlali.

UVerstappen ukuchithile ukuthi ngeke abambe iqhaza elihlukile kwezemidlalo wathi uzohlala engumshayeli noma engenzi lutho.

“Ngeke uphinde ungibone njengomhlaziyi noma ingxenye yeqembu. Anginalo ugqozi kulokho. Uma ngingasashayeli ngifuna ukwenza ezinye izinto ezijabulisayo,” kusho uVerstappen.

Lo mdlali uthe usengagijima ezingeni lokuncintisana elandela indlela efanayo noyise uJos.

“Kuyajabulisa ukuthi ngisakwazi ukuncintisana ngineminyaka ekahle. Inkinga ukuthi uma ngibamba iqhaza kunoma yini ngisuke ngifuna ukuwina,” esho.

UVerstappen uvumile ukuthi ikusasa lakhe liyohlale lihamba ngemoto yomjaho.

“Ngifuna ukwenza ezinye izinhlobo zemijaho, imijaho yamabanga amade mhlawumbe.”

“Noma ngaleso sikhathi ngizobe sengikhathele ukuhamba njalo. Mhlawumbe ngifuna impilo elula futhi ngenze imijaho engiyithandayo.”

UVerstappen ne-Red Bull okwamanje bahola kokubili ukuma komshayeli nomakhi ngemuva kokubusa imijaho emine yokugcina.

I-Formula 1 ilibangise e-Azerbaijan kwi-Baku Grand Prix kule mpelasonto, umncintiswano okumele u-Verstappen awunqobe.

Umthombo wesithombe: @Archyde

Izihloko zakamuva