Lubhalwe nguDoreen Mokgolo
UDkt Nasipha Moya we-ActionSA manje useyimeya entsha yaseTshwane, ehlula lowo obeyiMeya uCilliers Brink ngevoti eliyimfihlo.
UMoya osekwe yi-ANC ne-EFF uthole amavoti angu-122. UBrink we-DA wathola amavoti angu-86.
Kusukela ngo-2016, i-DA ihole eTshwane namanye amaqembu. I-ActionSA isanda kushiya loyo mfelandawonye yayovota ne-ANC ukuze ikhiphe uBrink.
Ngaphansi kukaBrink, izakhamizi zaselokishini bezikhala ngokungahlinzekwa kwezidingo. ITshwane ikweleta u-Eskom u-R3.2-billion kusukela ngomhlaka-31 kuNcwaba.
Enkulumweni yakhe, uMoya uthembise ukuletha uzinzo eTshwane.
“Angiyona nje imeya ye-ActionSA, kodwa ngiyiMeya yaseTshwane,” kusho yena.
“Selokhu ngithathe isikhundla sokuba yiphini lemeya, ngixoxisane namakhansela ahlukene, izikhulu kanye nemiphakathi ezifundeni eziyisikhombisa zalo masipala.”
UMoya uthe izakhamuzi eziningi zaseTshwane sezizwakalise ukukhathazeka ngokwanda koqhekeko phakathi kwabadla izambane likapondo nabancishwe amathuba, osekuphenduke uphawu olugqamayo kumasipala omkhulu.
“Abantu babhekene nezinselelo zokuthola izidingongqangi namathuba. Ngizibophezele ekusebenzeleni ukwakha idolobha elinobulungiswa nelibandakanya wonke umuntu lapho zonke izakhamizi zizothola izinsiza,” kusho yena.
UMoya, obeyisikhulu sabasebenzi eTshwane, unePhD kwisayensi yezepolitiki futhi uneziqu ze-master kwi-public policy.
Okhulumela i-ANC kuzwelonke uMahlengi Bhengu-Motsiri uthe iqembu likhathazekile ngezinkinga zemali zaseTshwane. Ufuna abaholi abasha abazokhethwa kuleli sonto esigungwini semeya ukuthi balungise izimali zikamasipala futhi bathuthukise nezinsiza emasontweni amane.
UMotsiri wengeze ngokuthi ngeke bavumele noma yiliphi iqembu ukuthi lenze izimfuno ezingenangqondo ohlelweni olusha lukahulumeni waseTshwane.
Esithombeni esingenhla: Imeya entsha yaseTshwane, uDkt Nasipha Moya.
Umthombo: Sithunyelwe
