Umnyama ongenafu emindenini yabaduke ngezikhukhula

Celani Sikhakhane

Namanje abakatholakali abantu abangu-87 abaduka ngezikhukhula ezadala umonakalo KwaZulu-Natal nase-Eastern Cape ngoMbasa.

Eminye imindeni elahlekelwe ithemba lokuthi izophinde ibone izihlobo zayo ifuna ukuthula, futhi isivumelene neziphakamiso zikahulumeni zokuthi kumele bathathwe njengabashonile.

UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uMnu Sihle Zikalala, uthe nakuba kusaqhubeka ukuthungathwa kwabantu abadukile, uMnyango wezoBulungiswa nokuHlunyeleliswa kweziMilo umatasatasa ukuze ubhalise abanye balaba abadukile njengabashonile.

Uthe lolu hlelo luzosetshenziswa kuphela njengesinyathelo sokugcina ukusiza imindeni ukuthi ikwazi ukuthola ukuthula uma kungangabazeki ukuthi “asinawo amathemba okuthola abantu abadukile besaphila”.

I-Scrolla.Africa sikhulume nomndeni wakwaMdlalose oshonelwe umama nezingane zakhe ezine ezikhukhuleni.

UNksz Slindile Mdlalose (43), nezingane zakhe uThobeka, uManelisi, uKhule kanye noMondli babelele ngesikhathi amanzi ekhukhulela umuzi wabo emfuleni uMzinyathi.

Isidumbu sikaSlindile kanye nezezingane ezintathu zitholwe ngokuhamba kwesikhathi zigqitshwe esihlabathini somfula uMzinyathi. Kodwa-ke umndeni wabo awukwazanga ukubangcwaba njengoba usalinde ulibofuzo ukuze kuqinisekiswe ukuthi bangobani. Wonke umuntu uqinisekile ukuthi yibo, kodwa ngobuchwepheshe basalahlekile futhi basaphila.

Enye yezingane zikaSlindile ayikaze itholakale.

Umfowabo kaSlindile, uMnu Thokozani Mdlalose waseNanda enyakatho yeTheku, uthe bayavumelana nesiphakamiso sokuthi kucatshangwe ukuthi abasekho emhlabeni ngenxa yokuthi sekuphele izinyanga abathandiweyo babo beduke ngenxa yezikhukhula.

“Isidumbu sikadadewethu kanye  nezezingane zakhe ezintathu zitholwe zinezinye izitho zomzimba ezingekho, silinde imiphumela yolibofuzo ngaphambi kokuthi sibangcwabe kanti enye yezingane isadukile,” kusho uThokozani.

“Besingakahlangani njengomndeni selokhu kwenzeke lesi sigameko esibuhlungu asazi ukuthi kuzokwenzakalani uma sesihlangana. Nginovalo ngoba asikaze sikuthole ukuthula. Asikakabangcwabi,” kusho uThokozani.

UThokozani akakanikwa lutho olukhombisayo ukuthi bazoke baqinisekiswe ukuthi bangobani, uncamela ukuthi bangcwatshwe manje kunokulinda.

Amalungu amane omndeni wakwaMdlalose aphakathi kwezidumbu ezingu-23 okusazoqinisekiswa ukuthi ngezobani.

Bangaphezu kuka-85 000 abantu abakhahlanyezwe izikhukhula ezishiye izinkulungwane zabantu ezifundeni ezinhlanu kanye nakuMasipala weTheku bengenamakhaya. Bangu-461 abantu abashonile.

Isikhwama sezimo eziphuthumayo sika-R1 billion esimenyezelwe uMengameli uCyril Ramaphosa ngesikhathi sezikhukhula namanje asikakhishwa ukusiza abashonile. Phambilini uhulumeni waseKZN uke wasolwa nguMnyango wezeziMali kuzwelonke ngokuhluleka ukufaka amafomu afanele ale mali nokuholele ekutheni kubambezeleke.

Izihloko zakamuva