Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
UMntwana uSimakade KaZwelithini ogaqele isihlalo sobukhosi bukaZulu usaqhubeka nokuzibiza ngeSilo samabandla wonke yize udaba lusaseNkantolo yokuDluliswa kwamaCala.
Lokhu kugqame esitatimendeni sakhe esinophawu lwaseNdlunkulu nokuyilapho ebekhuza umhlola ngabakokotele iposta kaHulumeni waKwaZulu-Natal base befaka isithombe sakhe bethi uyamemeza okaNdaba ukuba uZulu wonkana uphelele emkhosini woMhlanga eNyokeni.
Kulesi sitatimende esikhishwe uMntwana uMxolisi Gaylord kaBhekuzulu uthi “Isilo” uSimakade Zondamagwala kaZwelithini ukhuza umhlola ngalaba abadicilela phansi igama lakhe bethi ubize uMkhosi woMhlanga oseNyokeni.
“Isilo uZondamagwala ukhuza ichilo nomuga ukuba kusetshenziswe igama lakhe nesithombe sakhe ekubeni engazi. Lokhu ukubona njengokunyomfa igama lakhe njengeSilo sikaZulu. Ngakho uyacela ukuthi abenzi balokhu bapheze ngoba kungukwedelela isihlalo naye uqobo njengeSilo,” kusho uMntwana uGaylord kaBhekuzulu.
UMntwana uSimakade uke wasolwa ngokugweva nesigodlo saseNyokeni ngoba ethi akukho muntu ozokwenza uMkhosi woMhlanga ngaphandle kwakhe.
Lokhu kwaholela ekutheni kube ongaphansi nongaphezulu phakathi kwakhe namaphoyisa okuthiwa abakhipha ngesidlozana nabalandeli bakhe ngo-2022.
UMntwana uSimakade ufuna ubukhosi bunikezwe yena ngoba uthi ngokosiko wafakwa esiswini seNdlovukazi uMantfombi kaSobhuza uMaDlamini wakwaKhangela Amankengana nongumama weSilo uMisuzulu kaZwelithini.
Ngakolunye uhlangothi uMntwana uMbonisi waseKhwezi uyakuchitha lokhu njengoba yena efuna esihlalweni kungene uMntwana uBuzabazi ozalwa uNdlunkulu uBuhle kaMathe wakwaDlamahlahla.
Ngonyaka odlule uMntwana uSimakade wafika kwaPhindangene njengeSilo ukuba ezogezwa kodwa abakwaPhindangene bathi umuntu osesihlalweni iSilo uMisuzulu kaZwelithini.
