Umndeni kaZahara uhlulekile ukuvikela umuzi wakhe

Lubhalwe nguRorisang Modiba

Usuhoxisiwe umcimbi obuhlelwa umndeni kaZahara ukuze ukwazi uqoqa imali yokuthenga umuzi wakhe osudliwe yibhange emva kokushona kwakhe.

UZahara, ogama lakhe langempela kwakunguBulelwa Mkutukana, wayengumculi, umbhali wezingoma, nowazifundisa ukudlala isigingci, okhiphe ama-albhamu amahlanu futhi wawina inqwaba yezindondo zakuleli nasemazweni angaphandle.

Ushone ngoZibandlela eneminyaka engu-36 emva kokuguliswa yisifo esiphathelene nesibindi.

Umcimbi wokuqoqa imali obekulindeleke ukuthi ube se-East London ngasekupheleni kukaMbasa kanti bekuzoba nabaculi abafana noVusi Nova, uNathi Mankayi, uMawethu Dikiza, uLusanda Mbane noKhanyisa Nkantsu ukuzonandisa.

Engxoxweni neTshishaLIVE, udadewabo kaZahara, uBandezwa Mkutukana-Febana uthe lo mcimbi ngeke usaba khona ngoba bahlulekile ukuthola imvume yokusebenzisa ihholo lomphakathi futhi kube nezinye izinselelo eziningi.

“UZahara walwela umuzi wakhe kuwo wonke umsebenzi wakhe wakwazi ukubambelela endlini yakhe,” kusho uBandezwa.

“Emndenini umuzi wakhe ubufana nekhaya lethu, kungakho besifuna ukuwugcina, kuningi esikukhumbulayo sinaye endlini. Kuyingxenye yefa lakhe futhi asifuni ngempela ukulahlekelwa yiyo.”

Uthe badinga u-R1-million ukuze bathenge umuzi okumanje ohleli umfowabo kaZahara.

Manje umndeni usubheka ezinye izindlela zokuqoqa imali ukuze uthenge lo umuzi.

“Besingeke siyidle le mali, kodwa besizoyithatha leyo mali sigcine ifa likaZahara liphila ngokuthenga umuzi. Ngenxa yokuthi sibone izinkampani zidlala ngathi futhi zisinika ubunzima besifuna ukwenza okuthile ngokushesha ukuze sisindise indlu ngeke siyeke ukuzama,” kusho uBandezwa.

UZahara usebenzise inkundla ukukhuluma ngokuhlukunyezwa kwabesifazane eNingizimu Afrika, into ayidalule ukuthi imehlele.

Engxoxweni abe nayo nomsakazo wakuleli ngonyaka odlule, uZahara uthe umculo wakhe ubungewona owokuhlonishwa kodwa ubududuza imiphefumulo ephukile edinga ukuphola.

Isithombe esingenhla: UZahara.

Umthombo wesithombe: X

Izihloko zakamuva