Umndeni kaLindani Myeni uzolwela ubulungiswa

Lungani Zungu

Umndeni kaLindani Myeni ulimele futhi uthukuthele ngokuthi awekho amaphoyisa azoshushiswa ngokumdubula ambulale e-Honolulu, e-Hawaii.

Lo mndeni ose-KZN ulwela ubulungiswa selokhu kwabulawa lowo owayengumdlali webhola lombhoxo owazalelwa eMpangeni ngoMbasa.

Ividiyo yemizuzu emithathu ekhishwe ngenyanga edlule ikhombisa ukuthi amaphoyisa abulala uMyeni awazange azichaze ukuthi angamaphoyisa aze amdubula.

Yize kunjalo, ummeli oshushisayo uSteve Alm ngoLwesithathu uthe ukubulawa kukaMyeni bekungafanele.

U-Alm uthe amaphoyisa abulala uMyeni asebenzise okungabulali futhi lokho akuchaze njengezindlela ezingabulali ngaphambi kokuthi adubule uMyeni owayengahlomile. Uthe amaphoyisa ayenesizathu sokudubula uMyeni ngenhloso yokuzivikela.

Umamncane kaMyeni, uNonhlanhla, uthe uMyeni oneminyaka engama-29, obesanda kuthuthela eMelika ukuyohlala nomkakhe uLindsay nezingane zabo ezimbili, wayenekusasa eliqhakazile.

“Impilo yakhe ethembisayo inqanyulwe ngamaphoyisa angenazwelo ambulala ngesihluku. Lokhu ukungabi nabulungisa. Ngilimele futhi ngithukuthele,” esho.

“Silwa nohlelo olukhulu olunezinsizakusebenza ezingasinqoba.”

Unxuse uhulumeni waseNingizimu Afrika nezinhlangano zamalungelo abantu zomhlaba wonke ukuthi zibasize.

“Ngeke siyinqobe sisodwa le mpi.”

Unkosikazi kaMyeni uthulule isifuba sakhe ku-Facebook.

“Ukwesaba kwami okukhulu sekuvele kufezekile. Akukho okunye umuntu angakwenza kumyeni wami. Usendaweni enokuthula manje futhi yilokho kuphela okubalulekile kimi.”

UMyeni wadutshulwa ngamaphoyisa ngemuva kokungena endlini yomuntu angamazi, lowo muntu wabe esebiza amaphoyisa.

Kuvidiyo, uMyeni ubonakala sengathi wenze iphutha lokungena kuleyo ezitshela ukuthi  i-Hare Krishna temple eseduze naleyondlu.

Ummeli kaMyeni uBridget Morgan Bickerton uchaze lesi sinqumo njengesingenangqondo.

“Ukugxila kuka-Alm kulesi sigameko kusishaye indiva isenzo sokuqala sokuyalela umuntu obengahlomile ukuthi alale phansi ekhonjwe ngesibhamu. Lokho kuvame ukuba yicala lokusabisa, ukuthumba noma ukubeka engcupheni okubudedengu.”

Iqembu le-Justice for Lindani Myeni ku-Facebook lithe lihlose ukuphikisana nesinqumo sehhovisi lezokushushiswa.

“Kunomsebenzi omkhulu okumele wenziwe ukuthola uphenyo oluzimele lombuso kanye nolwamazwe omhlaba,” kusho leli qembu.

Izihloko zakamuva