Umlilo owashisa isibhedlela wenziwa ngamabomu- umbiko

Kamogelo Olaitan

Umlilo owacekela phansi isibhedlela i-Charlotte Maxeke Academic ngomhlaka-16 kuMbasa nyakenye wawuhleliwe kwakungelona iphutha. 

Lokhu kuvele embikweni wamaphoyisa aphenya amacala njengoba kwathiwa umlilo uqale ngephutha.

Iphephandaba i-Daily Maverick libike ukuthi umlilo uqale endaweni yokugcina izinto zokuzivikela endaweni engaphansi kwepaki.

Kube nokushayisana okuningi okuphawulwe embikweni wezobunhloli, izitatimende zesibhedlela ezithathwe izinyanga eziyisithupha ngemuva komlilo.

Isicelo sokuqala sokuthi kwenziwe uphenyo olunzulu mayelana nomlilo lwenziwa umphenyi wase-Hillbrow SAPS kanye nomphenyi omkhulu wezomlilo ukaputeni uPravisha Ramsundar.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo e-Gauteng, uMotalatale Modiba uthe bebengakawuboni umbiko wophenyo ngakho-ke uMnyango awukho esimeni sokuphawula ngawo.

Lesi sibhedlela besivalwe izinyanga kulandela ukusha, izingxenye zaso zavulwa ekuqaleni kwalo nyaka.

Ibingenawo amawodi abantu abalimele nezindawo zokuhlukumezeka izinyanga, iziguli zithunyelwa kwezinye izibhedlela.

NgoNtulikazi uNgqongqoshe wezeMpilo e-Gauteng uDkt Nomathemba Mokgethi ephendula isiShayamthetho sesifundazwe uthe zingaphezu kuka-2 000 iziguli okwamanje ezisohlwini olulindele ukuhlinzwa esibhedlela.

Uthe ukusilela emuva kudalwe ukuhoxiswa komsebenzi nyakenye ngenxa yomlilo.

UMokgethi uthe ukuhlinzwa kwezingane ikhona okuthinteke kakhulu njengoba sekuhoxiswe ukuhlinzwa okungu-610 kanti zibalelwa ku-453 iziguli okumele zilinde phakathi kwezinyanga eziyisithupha kuya eminyakeni emibili ukuze zihlinzwe.

UMnyango Wezempilo uthe ngoNhlaba isibhedlela esisalungiswa sizobuyela esimweni ekupheleni kuka-2023.

Umnyango uthi izindleko zokulungisa lesi sibhedlela zilinganiselwa ku-R1.1 billion.

Umthombo wesithombe: @SowetanLIVE

Izihloko zakamuva