Umlando kuvulwa izikole zase-Uganda ngemuva kokuvalwa iminyaka emibili

Arthur Greene

Kuqopheke umlando ngesikhathi kuvulwa izikole zase-Uganda  ngoMsombuluko ngemuva kokuvalwa cishe iminyaka emibili.

Abafundi bebejabule kakhulu ngoMsombuluko kuleli yazwe njengoba ezweni lonke izikole zivule amasango azo okokuqala eminyakeni emibili.

Njenga manye amazwe amaningi emhlabeni jikelele, i-Uganda yavala izikole zayo kulandela ukuqubuka kokhuvethe ngoNdasa ka-2020.

Emhlabeni alikho izwe elivale izikole zalo isikhathi eside njenge-Uganda, njengoba izingane sezichithe amasonto angu-83 zingayi  emakilasini.

UNgqongqoshe wezeMfundo e-Uganda, uJohn Muyingo uthe bonke abafundi bazoqhubeka nezifundo lapho abazigcine khona. 

Esitatimendeni uthe “zonke izikole zisebenzisa imihlahlandlela kanye nezinqubo ezijwayelekile zokusebenza ukuze kuqinisekiswe ukuthi izingane zibuyela ezikoleni ziphephile, futhi sekubekwe nezinyathelo zokuqinisekisa ukuthi labo abangayilandeli imithetho bayayilandela”.

Lesi isikhathi sokubungaza kwabaningi abasha.

“Ngijabule kakhulu ngoba besengikhumbule  esikoleni, othisha bami, abangani bami kanye nezifundo zami,” kusho uNawilah Senkungu oneminyaka engu-10 ubudala ofunda esikoleni samabanga aphansi i-Nakasero e-Kampala etshela i-The Guardian.

Kodwa indlela yokubuyisa izinga lemfundo ejwayelekile ngaphambi kokuba kufike  ubhubhane isekude ukuphela.

Ukwehla kwezomnotho okubangelwe ubhubhane kukhahlameze imali yezikole futhi kwashiya abazali abaningi bezibuza ukuthi bazoyikhokha kanjani imali yesikole.

Zingahle zibe nenkinga yokujwayela imfundo izingane eziningi  ngemva kokungayi esikoleni isikhathi eside. Inhlangano esiza abantulayo, i-Save the Children, isixwayise ngokuthi izikole zingahle zibhekane namazinga aphezulu okuyeka isikole kwabafundi, ikakhulukazi ezindaweni zasemakhaya.

Izihloko zakamuva