Lubhalwe nguCelani Sikhakhane
Iqembu uMkhonto weSizwe Party lijube uPastor Sthembiso Zondo owayedume ngezinkulumo ezakhayo oKhozini ukuyoqinisa umkhankaso wokhetho lokuchibiyela olusoGwini.
UZondo ujutshwe nabanye abaholi abaqavile baleli qembu okubalwa kubo noJaji John Hlophe.
UZondo waxoshwa oKhozini ngo-2015 ngemuva kokuba intombi yakhe yamshutha enqunu maqede yasabalalisa ividiyo yakhe ezinkundleni zokuxhumana nokuyilapho ayebonakala ephithizela nocingo endlebeni kanti ubuntu bakhe babuhlezi obala.
Lokhu kwenza i-SABC yanquma ukumxosha ohlelweni iVuka Mzansi Breakfast Show ayeyenza noLinda Sibiya oseku-EFF.
Nokho kuleli sonto i-MKP ikhombise ukumethemba njengoba ephambili kwabasemkhankasweni wokuba inqobe uwadi 24 ongaphansi kukamasipala iRay Nkonyeni.
USolwazi Thami Mkhize we-MKP KwaZulu-Natal uthe bakhankasa kuzona zonke izingxenye zesifundazwe ukuze banqobe lapho kuzobe kukhethwa khona.
“UZondo uyingxenye yabafundisi abaku-MKP abasebenza nathi. Yingakho ejutshwe nabanye izinsuku ezimbili kumasipala iRay Nkonyeni lapho okunokhetho lokuchibiyela khona,” kusho uMkhize.
UZondo akatholakalanga ukuba aziphendulele njengoba izincingo zakhe zombili bezivaliwe.
Lolu khetho lokuchibiyela lusezifundazweni ezinhlanu okuy-iFree State, KZN, iMpumalanga, i-North West ne-Gauteng.
Lolu khetho lokuchibiyela lugaqelwe amafolosi angu-80 namaqembu ezepolitiki angu-15.
KwaZulu-Natal ayisishiyagololunye amawadi okuzobe kugadulisana kuwona i-ANC, i-DA, i-ActionSA, i-MKP ne-IFP.
Kwenzeka lokhu nje i-MKP isanda kunqoba iwadi e-North West, e-Marikana.