UMgcinimafa uthole omasipala abangu-16 ezweni lonke abathathe imali yempesheni yabasebenzi

Lubhalwe ngu-Anita Dangazele

UMgcinimafa Kazwelonke uthole omasipala abangu-16 behlulekile ukukhokha imali yempesheni, i-UIF kanye ne-PAYE esivele ithathwe emholweni wabasebenzi.

Lokhu okutholakele kungenye yezizathu ezenza uMgcinimafa wagodla u-R13.5 billion ngoNtuliakzi odluliselwe komasipala abangu-69 kuzwelonke.

Omasipala abangu-16 bathathe imali emiholweni yabasebenzi babo ukuze bathole imali yempesheni, futhi abazange bazikhokhele izikhwama zempesheni ezazingaphansi kwayo.

Lokhu okutholakele kuphume njengengxenye yesinqumo sikaMgcinimafa Kazwelonke sokugodla okwesikhashana u-R13.5 billion ngoNtulikazi odluliselwe ngokulinganayo komasipala abangu-69 ezweni lonke, okuhlanganisa no-R3.6 billion ovela eDolobheni laseGoli.

UMgcinimafa uthe omasipala babonise ukungabi nandaba noMthetho Wokuphathwa Kwezimali Zomasipala.

I-South African Local Government Association, emele omasipala, ithe ikhathazekile kakhulu ngale ngxenye yemiphumela kaMgcinimafa.

Okhulumela uMotalatale Modiba uthe imali yempesheni, i-UIF kanye ne-PAYE esevele ithathwe emholweni wesisebenzi akukaze kube ngekamasipala, futhi ukusebenzisa leyo mali kunoma yini enye kuphazamisa amalungelo abasebenzi futhi kubeka omasipala engcupheni yezomthetho.

I-SALGA ithe omasipala kumele bakhokhe lezi zinkokhelo ngesikhathi nokuthi ayibekezeleli nhlobo lolu hlobo lokuziphatha kabi kwezezimali. Inxuse omasipala kanye nezikhulu zokubala ukuthi baphenye, babophe, futhi babuyisele noma yikuphi ukulahlekelwa.

UMnyango Wezezimali awukashicileli uhlu lomasipala abangu-16 abahlulekile ukukhokha ngalezi zinkokhelo. Omasipala abathintekile bahlanganisa zonke izifundazwe eziyisishiyagalolunye futhi bafaka phakathi amadolobha amakhulu njengeGoli, iNelson Mandela Bay, iBuffalo City kanye neMangaung, yize kungaziwa ukuthi obani phakathi kwabo abaphakathi komasipala abangu-16.

UMnyango Wezezimali uthe izimali ezibanjiwe zizokhishwa uma omasipala bethula izinhlelo zokukhokha ezisayiniwe, kuqala ngengxenye enkulu ngokwanele ukukhokhela isikhwama sempesheni kanye nomcwaningi-mabhuku jikelele ngqo. Uma leyo nkokhelo isiqinisekisiwe, ezinye izimali ziyalandela.

IPhini loMqondisi-Jikelele woMnyango wezeziMali, u-Ogalaletseng Gaarekwe, lithe lokhu kungase kusho ukuthi abanye omasipala babanjwe imali kuze kube amasonto amabili, kuye ngokuthi benza ngokushesha kangakanani.

UGaarekwe uthe ukungenelela sekuvimbe amabhodi amabili amanzi ukuthi angawi.

Uphinde wathi ukwenza izikhulu ziphendule ngokushoda kwempesheni akuwona umsebenzi kaMgcinimafa. Lowo mthwalo wemfanelo uhlezi nemikhandlu yomasipala kanye nezinhlaka zayo zokwengamela, izigungu ezazihloselwe ukubamba lokhu kwasekuqaleni.

Esithombeni esingenhla: Abasebenzi bakamasipala balungisa ingqalasizinda yamanzi.

Umthombo wesithombe: INelson Mandela Bay Municipality

Izihloko zakamuva