Umfundi oneminyaka eyishumi ubudala uhlushwa indololwane eqhekekile ngemuva kokushaywa ngepulangwe

Lungani Zungu

Le ntombazanyana eneminyaka eyishumi ihambe iya esikoleni iyingane ejabule kodwa yabuya nendololwane ephukile.

Lo mfundi owenza ibanga lesine esikoleni samabanga aphansi eNdlokolo KwaNgcolosi entshonalanga yeTheku kusolwa ukuthi ushaywe ngepulangwe nguthisha wakhe.

Umama wakhe utshele i-Scrolla.Africa ukuthi lesi sigameko sishiye indodakazi yakhe ihlukumezekile futhi yonke imizamo yokuyiqinisekisa ukuthi ibuyele esikoleni yehlulekile.

“Ingane yami ayisafani,” kusho umama.

“Manje ngimatasa nokumfunela indawo kwezinye izikole ngoba ngeke abuyele laphayana.”

Ngosuku lwesigameko, ngabo 8 ekuseni, le ntombazanyana yaxabana nomunye umfundi. Zombili lezi zingane kuthiwa zazishaywa ngokuqhubekayo, kuze kube yilapho ingalo yesobunxele iphuka.

“Angiqondi ukuthi kungani uthisha ezoshaya izingane ezincane ngepulangwe. Nginesiqiniseko sokuthi akazishayi izingane zakhe ngepulangwe,” kusho lo mama.

Umndeni wentombazane wayiyisa esibhedlela i-RK Khan lapho ingalo yakhe yabhandishwa khona.

Umama uvulele uthisha icala lokushaya.

“Uma ingane yami yayinephutha, kumele ajeziswe kodwa hhayi ngokumshaya ngepulangwe,” esho.

Okhulumela amaphoyisa esifundazweni uColonel Thembeka Mbele usiqinisekisile lesi sigameko.

“Singakuqinisekisa ukuthi umsolwa oneminyaka engama-50 uboshwe ngamaphoyisa ase-Hillcrest ngokushaya ngenhloso yokulimaza.”

Lo thisha uvele eNkantolo yeMantshi yase-Pinetown ngoLwesihlanu olwedlule, icala lahlehliswa.

USihle Mlotshwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo, uthe: “Ukushaywa kwezingane esikoleni sekuholele ekuxoshweni kothisha abaningi esifundazweni.”

Uthe uNgqongqoshe wezeMfundo esifundazweni uKwazi Mshengu uzobhekana nalolu daba. 

Izihloko zakamuva