Umfundi okhonza kwaShembe uthunyelwe ekhaya ngenxa yezinwele zakhe ezinkulu

Lungani Zungu

Ebandleni lakwaShembe amadoda awazigundi izinwele zawo. Kungumkhuba omdala njengesonto uqobo.

Kodwa ngoMsombuluko, u-Amukelani Khumalo oneminyaka eyi-10 uxoshwe esikoleni ngenxa yokugcina lelo siko.

Emndenini wakwa-Amukelani bagcina izinkolelo zesonto kanti umfundi webanga lesihlanu ubenesikhathi eside enezinwele ezinkulu.

Umfana ubejabule ngokubuyela esikoleni ngemuva kwamaholide asebusika, kodwa injabulo yakhe yabangeyesikhashana. Usuku lwakhe lonakele ngokushesha ngesikhathi kuthiwa uvinjelwe ukungena esikolen samabanga aphansi iCezwana eJozini ngenxa yezinwele zakhe.

UThandeka Khumalo, umama womfana, utshele i-Scrolla.Africa ukuthi bathukuthele futhi balulaziwe.

“Indodana yami icwaswe ngenxa yezinkolelo zethu,” kusho uThandeka.

Uthe u-Amukelani uvinjwe nguthisha wakhe esangweni, othe akabuyele ekhaya ayogunda izinwele zakhe.

“Ufike ekhaya ekhala ngenxa yehlazo abhekane nalo ngenxa kathisha.”

UThokozani Mncwabe webandla lakwaShembe uzwakalise ulaka lwakhe ngalesi sigameko.

“Amalungu ethu ayaqhubeka nokucwaswa ezikoleni nasemisebenzini. Sinxusa abantu ukuthi bayeke ukwenza lokhu,” kusho uMncwabe.

Uthe amalungu ebandla kulindeleke ukuthi agcine imithetho yesonto. Uthe bakholelwa ukuthi amandla abantu alala ezinweleni yingakho abesilisa bengazigundi izinwele zabo.

“Abalandeli bakwaShembe kulindeleke ukuthi bayisebenzise kahle le mithetho,” esho.

UMnu uKwazi Mthethwa, okhulumela uMnyango wezeMfundo e-KZN, uthe bazoluphenya lolu daba.

“Siyamukela futhi sihlonipha bonke abafundi kungakhathalekile ukuthi baphuma kumiphi imiphakathi,” kusho uMthethwa.

Izihloko zakamuva