UMFELOKAZI WESISHOSHOVU UCELE I-ANC UKUBA IKHAWULE UKUBULALA

Lungani Zungu

Ukubulawa kwesishoshovu se-ANC, uSduduzo Magwaza kuvule amanxeba amadala kunkosikazi kaSindiso Magaqa owadutshulwa eminyakeni emine eyedlule.

UGugu Magaqa ukhwele wadilika kwi-ANC e-KZN ngemuva kokubulawa kukaMagwaza ngoLwesibili ngaphandle emzini wakhe e-Cornubia, eThekwini.

Lokhu kubulala kukhombisa igazi lezepolitiki ku-ANC e-KZN – nokwehluleka kweqembu namaphoyisa ukulinqanda.

UGugu usole iqembu elibusayo ngokwehluleka ukunqanda ukubulawa kwabantu okuqhubekayo okukholakala ukuthi kudalwa amaqembu angaphakathi kwi-ANC ikakhulukazi e-KZN.

Uthe kwamzwisa ubuhlungu ukuthi akekho umuntu othweswe icala, ngemuva kweminyaka emine uMagaqa adlula emhlabeni.

“Abantu abajwayelekile bayathinteka ngqo kulokhu kubulawa kwabantu. Abantu abaningi ababulewe bangabondli bamakhaya,” uyasho.

“Okubuhlungu wukuthi abenzi balobu bugebengu abajeziswa. Amacala aqhubeka iminyaka ngaphandle kokugwetshwa kwabantu. ”

Uthe ukungabibikho abagwetshwayo kube nomthelela omubi empilweni kamama kaMagaqa.

“Ufuna ukubona ababulali bendodana yakhe begwetshwa. Akaphathekile kahle neze,” uyasho.

Lowo owayenguNobhala-Jikelele we-ANC Youth League wayesebenza njengekhansela le-PR eMzimkhulu ngesikhathi sokushona kwakhe.

NjengoGugu, abalingani bakhe bakholelwa ukuthi uMagaqa wabulawa ngenxa yokulwa kwakhe nenkohlakalo kuMasipala waseMzimkhulu.

Umholi ovelele we-ANC uMluleki Ndobe waboshwa, kodwa amacala abebhekene nawo ahoxiswa okwesikhashana. Wazidubula ngasekupheleni konyaka odlule.

USibonelo Myeza, Mbulelo Mpofana noMlungisi Ncalane babhekene namacala okubulala eNkantolo eNkulu yase-Scottsburg.

UGugu uthe ukubona ababulali bakaMagaqa begwetshwa kuzosondeza umndeni ekutholeni ukuthula.

“Sifuna ukuvala lesi sahluko esibuhlungu kodwa ngeke sikwenze lokho inqobo nje uma ababulali bakhe bengakagwetshwa.”

Kusazomenyezelwa imininingwane yomngcwabo kaMagwaza, owazana kakhulu nowayeyimeya yeTheku uZandile Gumede.

Umhlaziyi wezepolitiki uThabani Khumalo uthe, “I-ANC ilwa noqhekeko lwangaphakathi oludala lezi zinhlobo zokubulawa kwabantu.”

Okhulumela i-ANC esifundazweni uNhlakanipho Ntombela uthe: “Ngikholwa wukuthi iqembu lenza umsebenzi omkhulu ekunqandeni ukubulawa kwabantu. Angisho ukuthi ukubulawa kwabantu kuhlobene nezepolitiki kodwa kubuhlungu nakithina ukulahlekelwa yizihlobo zethu kanjena.”

Mayelana noMagaqa, uthe: “Abaphathi bezomthetho benze umsebenzi omkhulu ngokuphenya bese ngemuva kwalokho babopha izigilamkhuba. Lolo daba lusesenkantolo futhi sinethemba lokuthi abasolwa bazogwetshwa.”

Udlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaMagwaza.

Izihloko zakamuva