UMengameli uzovakashela indawo okwenzeke kuyo inhlekelele eGeorge

UMengameli uCyril Ramaphosa uzovakashela indawo eseGeorge kuleli sonto lapho kudilike khona ibhilidi elinezitezi ezinhlanu ebelisakhiwa.

Ukufika kukaMengameli ngoLwesine ngomhlaka-16 kuNhlaba kuzobandakanya ukuvakashela eGarden Route Disaster Joint Operations Centre (JOC), lapho ezohlangana khona nemindeni yabanye abantu abalinganiselwa ku-81 abebengaphakathi ngesikhathi kuwa ibhilidi ngoMsombuluko ntambama ngesonto eledlule.

“Lokhu kuzolandelwa yithuba lokukhuluma nabezindaba eGeorge Civic Hall emini,” kusho okhulumela uMengameli, uVincent Magwenya.

“Selokhu kwenzeke lesi sigameko ngoMsombuluko ngomhlaka-6 kuNhlaba, uhulumeni kanye nezinhlaka ezibhekelela izinhlekelele kuzo zonke izigaba sebehlanganise abasebenzi nezinsiza ukuzama ukuhlenga kanye nokweseka abasindile kanye nemindeni yabashonile.

“UMengameli uRamaphosa usabheke kakhulu imizamo yokuhlenga eqhubekayo futhi udlulise amazwi enduduzo emndenini nakubangani babasebenzi abashonile,” kusho uMagwenya.

ONgqongqoshe namaPhini oNgqongqoshe eMnyangweni wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, owezokuQashwa nezabaSebenzi, owezeMpilo, owamaPhoyisa, owezoBudlelwane baMazwe ngamazwe kanye nokuBambisana, noweMisebenzi yoMphakathi kanye neNgqalasizinda bonke bahambele le ndawo.

Yonke le minyango ibisebenza ngokubambisana ne-Disaster JOC, uhulumeni wesifundazwe eWestern Cape kanye noMasipala wesiFunda sase-Garden Route (i-GRDM).

“Imizamo yokuhlenga isifinyelele kusuku lwesishiyagalombili kulandela isigameko esenzeke ku-75 Victoria Street. Abatakuli nabanye ababambe iqhaza bebesendaweni yebhilidi elibhidlikile amahora angu-214,” ngokwesitatimende se-GRDM emini ngoLwesithathu.

Izibalo zakamuva eziqinisekisiwe zesigameko yilezi:

Isibalo esiphelele sabantu okucatshangwa ukuthi babengaphakathi ebhilidini ngesikhathi kwenzeka isigameko: 81
*Abahlengwa futhi abalulamayo: 62

  • Abashonile: 33 ( abesilisa abangu-27, abesifazane abangu-6)
    *Abalaliswe esibhedlela njengamanje: 12
    *Okungaziwa ukuthi bakuphi: 19

Kusukela ngoLwesithathu abagilwa abangu-47 sekuxhunyenwe nemindeni yabo. UMnyango wezokuThuthukiswa koMphakathi eWestern Cape uthe izinsiza eziningi zizotholakala emindenini ethintekile okungenani izinyanga eziyisithupha.

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff

Isithombe ngenhla: Amavolontiya kanye nabasebenzi bezimo eziphuthumayo kanye noNdunankulu waseWestern Cape u-Alan Winde, omunye wosopolitiki nezikhulu ezimbalwa ezisezikhundleni eziphezulu ezike zavakashela indawo yenhlekelele.

Umthombo wesithombe: IGarden Route District Municipality

Izihloko zakamuva