UMengameli umemezele izinguquko emithethweni ye-Covid-19

Celani Sikhakhane

UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele ukuthi ukugqokwa kwezifonyo ngeke kusadingeka uma uhamba ngaphandle njengoba uhulumeni elungiselela ukuphuma esimeni senhlekelele ye-Covid-19 ngomhlaka-16 kuMbasa.

URamaphosa wenze lesi simemezelo ngoLwesibili ebusuku ngesikhathi ekhuluma nesizwe mayelana nokuqedwa kweminye imithetho ye-Covid-19.

Izifonyo kusazodingeka ukuthi sizigqoke endaweni engaphakathi njengoba usuke ugibele itekisi, isemahhovisini nasenxanxatheleni yezitolo.

UMengameli uphinde wathi labo abangena eNingizimu Afrika kusamele bakhombise ubufakazi bokugonywa noma ubufakazi bokuthi bayihlolele yini i-Covid-19 kungakadluli amahora angu-72.

Umthetho wokuqhelelana imitha elilodwa usazoqhubeka kodwa ezikoleni angeke usenziwa.

Ezinye izinguquko zihlanganisa:

● Isibalo sabazohambela umngcwabo sizonyuka sisuka ku-100 siye ku-200.

● Izinkundla zemidlalo neminye imicimbi manje sezizovumela umthamo ongafika ku-50%, kodwa abahambele lezi zindawo kufanele bagonywe noma babonise ukuthi abanayo i-Covid-19.

● Imithetho yemicimbi emikhulu izohlala injalo: inani labantu kumele libe ngu-1,000 ngaphakathi, kodwa ngaphandle inani labantu kumele libe ngu-2000.

 UMengameli uphinde wazinika isikhathi sokucabanga ngeminyaka emibili edlule yalolu bhubhane, wathi umvalelandlini kwakuyinto eqalayo futhi ibingakaze yenzeke kodwa wasiza ukubamba ukubhebhetheka kwaleli gciwane.

“Manje sesikulungele ukungena esahlukweni esisha,” kusho uMengameli.

Izihloko zakamuva