Menzi Magubane
Ukuqala komkhankaso we-DStv Premiership 2021/22 kusengcupheni kulandela ukuhlehliswa kwama-play-offs okwenyusa izembe.
Le midlalo bekufanele iqale ngoLwesibili nangoMsombuluko ngokulandelana. Iqembu elidlala ku-GladAfrica Championship iRoyal AM ifake isicelo sokuthi kuvinjelwe ngokushesha ukuthi imidlalo iqhubeke.
INkantolo Ephakeme yase-Gauteng ikhiphe isinqumo esivuna iRoyal AM. Leli qembu elizinze eThekwini libe nomuzwa wokuthi ama-play-offs akufanele aqhubeke ngenkathi befaka isicelo sokuphikisana nesinqumo senkantolo ephakeme esamemezela ukuthi iSekhukhune United ingabanqobi be-GladAfrica Championship ngoMgqibelo.
Lesi sinqumo simenyezelwe ngoMsombuluko ebusuku, kusasele amahora angaphansi kwangama-24 ngaphambi kokuba iRoyal AM ingene enkundleni iyodlala neRichards Bay FC emdlalweni wokuqala wama-play-offs. Lesi sinqumo sisho nokuthi ukuqala kwesizini entsha ye-DStv Premiership kungabambezeleka.
NgoLwesibili ntambama, i-Premier Soccer League ikhiphe isitatimende ebesifundeka kanje: “IKomidi eliPhethe le-PSL namuhla lithathe isinqumo sokufuna ngokushesha imvume yokudlulisa icala mayelana nomyalelo okhishwe nguMhlonishwa oyibamba leJaji uNyathi weNkantolo eNkulu yase-Gauteng ebusuku ngoMsombuluko mhla ziyi-14 kuNhlangulana ngowezi-2021.
“IJaji elibambile uNyathi livimbe ukuphela kwama-play-offs okwakumele kuqale ngo-15h00 ngomhla ziyi-15 kuNhlangulana ngowezi-2021. I-PSL iphoqelekile ukuthi ifune usizo oluphuthumayo njengoba usuku lokugcina lwesizini olusemthethweni kungumhla zingama-30 kuNhlangulana ngowezi-2021. Izinkontileka eziningi zabadlali zinqamuka ngalolo suku futhi noma ikuphi ukubambezeleka kokuqedela ama-play-offs kubeka engcupheni ukuqala kwesizini ka-2021/22.”
NgoMgqibelo, iNkantolo eNkulu ivune iSekhukhune yaphinde yabamemezela ukuthi banqobe umqhudelwano ka-2020/21, obenze bathola ukunyuselwa ngokuzenzekelayo kwi-Premiership.
Kodwa uShauwn Mkhize, ongomunye wabanikazi beRoyal AM, wafaka isicelo sokudlulisa icala eNkantolo eNkulu futhi ngokuhamba kwesikhathi wafaka incwadi ephuthumayo yokuvimbela ama-playoffs.
Umthombo wesithombe: @RoyalAM