Umdlali webhola onebhadi kangangokuthi umkakhe uthi akahambe ayobona isangoma

Menzi Magubane

Umgadli weqembu lebhola e-Ghana uMohammed Anas  usehlele esigabeni esiphansi seligi namaqembu amathathu ahlukene kumasizini amathathu elandelana kanti abalandeli bebhola bakholwa ukuthi uqalekisiwe.

Isimangalo sesiqalekiso sigcwele ezinkundleni zokuxhumana ngemuva kokukhishwa iqembu i-TS Galaxy edonsa kanzima kuleli sonto.

Unkosikazi womgadli ufuna abonane nesangoma.

U-Anas ubekwi-Free State Stars ngesikhathi ehluleka ngonyaka wezi-2018 nangonyaka wezi-2019 kwathi ngesizini elandelayo wajoyina i-Polokwane City nakhona wafike wahluleka ekupheleni kwalowo mkhankaso.

Ngesizini edlule walandelwa ibhadi futhi wahluleka kwi-Black Leopards okumenze waba ngumdlali wokuqala emlandweni weligi yaseNingizimu Afrika ukuba nebhadi elingaka.

Ujoyine i-Galaxy ngoNtulikazi esuka ku-Black Leopards elandelwa amabhadi. Ukukhululwa kwakhe kwenza abantu bakhuluma futhi abaningi bazizwa benebhadi.

Nokho akazange ehlele ku-GladAfrican Championship nawo wonke amabhadi njengoba ehlezi ehlwithwa ngabanye esigabeni esiphezulu. Kule sizini uhlengwe i-Galaxy, kodwa ngemuva kokudlala imidlalo eyishumi yaqoqa amaphuzu amahlanu, yasheshe yanqamula ubudlelwano naye kungakapheli isikhathi esiningi.

I-Galaxy ilwela ukungehliselwa ezansi kweligi ngemuva kokunqoba umdlalo owodwa, yadlala ngokulingana kwemibili yahlulwa eyisikhombisa. Ingabe u-Anas uqalekisiwe ngempela?

Hhayi-ke akacabangi kanjalo, kodwa umcabango usufikile kumkakhe.

“Lezi zinsolo zokuthukwa zithinta impilo yami kabi. Angikho ezinkundleni zokuxhumana, kodwa umkami nguyena owangitshela ukuthi abantu bathi ngiqalekisiwe ngemuva kokuhlulwa namaqembu amathathu, wathi angihambe ngiyobona. isangoma ukuze sibheke ukuthi kwenzakalani,” kusho u-Anas obedabukisa engxoxweni abe nayo nomsakazo obizwa nge-Radio 2000.

Uqhube wathi ocabanga ukuthi uqalekisiwe akamsize.

“Kungani bengicekela phansi nomsebenzi wami? Iliphi iqembu elizongithatha manje ngalezi zinsolo. Ekhaya e-Ghana abantu bayafona bebuza ngalezi zinsolo. Lawa maqembu okuthiwa ngiwabangela amashwa abesevele enezinkinga ngesikhathi ngiwajoyina”,kusho u-Anas.

Ngonyaka wezi-2017 u-Anas wenza iphutha elikhulu bukhoma kumabonakude kazwelonke lapho abonga umkakhe nentombi yakhe ngemuva kokuthola umklomelo wokudlala kahle kakhulu enkundleni.

Umthombo wesithombe:@radio2000

Izihloko zakamuva