Dylan Bettencourt
Umdlali wasemuva we-Manchester City, uBenjamin Mendy manje usebhekene namacala ayisithupha okudlwengula ahlobene nezisulu ezine, ngemuva kokubekwa amanye amacala amabili kuleli sonto.
Umsolwa oneminyaka engama-27 ubudala uboshwe ngoNcwaba ngesikhathi ebhekene namacala amane okudlwengula nelilodwa lokuhlukumeza ngokocansi. UMendy, osagqunywe esitokisini ngemuva kokunqatshelwa ibheyili izikhathi eziningi usazophinde afake isicelo sebheyili.
“I-Cheshire Constabulary kanye ne-Crown Prosecution Service (i-CPS) ithanda ukukhumbuza wonke umuntu ukuthi ukuqulwa kwamacala kaMendy kuyaqhubeka nokuthi unelungelo lokuqulwa kwecala ngendlela efanele,” kusho isitatimende samaphoyisa endawo.
Lo mlisa wase-France kuthiwa wenza amacala phakathi kukaMfumfu ngowezi-2020 noNcwaba walo nyaka.
Izisulu ngabesifazane abane abahlukene kanti oyedwa uneminyaka engaphansi kweyi-18.
UMendy uzovela okwesibili eNkantolo yeMantshi yase-Stockport ngoLwesithathu selokhu aboshwa.
Lo mdlali, osayine ku-Manchester City ngowezi-2017 ngemali eyizigidi ezingama-£53 (ngaphezu kwesigidigidi esisodwa samarandi), umiswe yile kilabhu njengoba kuqhubeka uphenyo.
UMendy kulindeleke ukuthi agcinwe esitokisini samaphoyisa kuze kube unyaka omusha njengoba icala lakhe kuhlelwe ukuthi liqale ngasekupheleni kukaMasingana ngowezi-2022.
Umthombo wesithombe: @EveningStandard