Umdlali we-hockey uncamele ukususwa umunwe ukuze aqhudelane nabanye kuma-Olympics

Luhlanganiswe ngumbhali we-Stuff



Umdlali we-hockey wase-Australia uMatt Dawson uthathe isinqumo sokunquma ingxenye yomunwe wakhe ukuze akwazi ukuncintisana kuma-Olympics ase-Paris.

UDawson (30) walimala kabi umunwe ngesikhathi eziqeqesha e-Perth emasontweni amabili edlule lapho umunwe wakhe ucishe wanqamuka ngemva kokushaywa induku ye-hockey.

Odokotela batshele uDawson ukuthi kuzomthatha izinyanga ezine kuya kweziyisithupha ukuthi umunwe wakhe ululame, okuzomenza aphuthelwe imidlalo yasehlobo yase-France. Kodwa-ke bamnikeze enye indlela yokuthi kumele banqume umunwe ukuze azokwazi ukuqhudelana, kubika i-Sky News.

UDawson odlala i-defence eqenjini lase-Australia, ukhethe ukunquma umunwe.

Odokotela abahlinzayo banqume indawo encane kumunwe wakhe.

Ekhuluma kwi-podcast ye-Parlez Vous Hockey, uDawson uthe uxoxe ngaye nonkosikazi wakhe. Wamtshela ukuthi angajahi, kodwa unomuzwa wokuthi ukungenela ama-Olympic kufanele azidele.

“Ngalo lonke ulwazi ebenginalo bekumele ngenze isinqumo ngesikhathi esifushane nginqume ukuqhubeka naso. Ngisengaba nempilo enhle kakhulu ngomunwe omncane,” kusho uDawson.

Isithombe esingenhla: UMatt Dawson.

Umthombo: X

Izihloko zakamuva