Lubhalwe nguLinda Ximba
Umdlali webhola lezinyawo weBafana Bafana ophinde abe isihlabani saphesheya u-Ayanda Patosi usenkingeni neqembu lakhe i-Foolad FC yase-Iran ngemuva kokufika sekudlule isikhathi ekhempini yokulungiselela ukuqala kwesizini ngenyanga edlule.
Lo mdlali odlala ngonyawo lwesokunxele lokhu aqala ukudlala kuleli qembu kusukela ngo-2019 kulandela isizini enhle ne-Cape Town City.
Imibiko evele e-Iran ithi uPatosi uyalelwe ukuthi aziqeqeshe yedwa njengoba kusalindwe umphumela wokuqondiswa kwezigwegwe kwakhe, njengoba bekungekona okokuqala ephula imithetho yeqembu.
Kubikwa ukuthi lo mdlali (30) ufuna ukuphuma kuleli qembu njengoba esethole imali eshisiwe yokubuyela ekhaya kwi-DStv Premiership kuleli.
Esitatimendeni esisemthethweni, i-Foolad FC ithi ikomidi lokuqondisa izigwegwe lekilabhu lizothatha isinqumo mayelana nokungaziphathi kahle kukaPatosi.
“Uma sibheka umlando walo mdlali nokuba khona kwakhe ekhempini yokulungiselela ukuqala kwesizini ngemuva kokungabi khona emakhempini amathathu okuqala, ngokubona komphathi weqembu uzolandela ukuzilolonga eyedwa ukuze ukungenzi kahle kwalo mdlali kubhekwe yikomiti eliqondisa izigwegwe leqembu,” kusho isitatimende.
Selokhu ajoyina leli qembu eminyakeni emibili edlule, uPatosi unesandla emagolini angu-28, washaya angu-18 futhi wasiza kwayishumi emidlalweni engu-82 kuyo yonke imiqhudelwano.
Ngaphambi kokushintshela e-Iran, waba nesikhathi esifushane ne-Baniyos e-Abu Dhabi. Uzakhele igama e-Belgium ngesikhathi edlalela i-Lokeren esigabeni esihamba phambili. Uphinde wadlalela iBafana Bafana emidlalweni engu-12.
Esithombeni esingenhla: U-Ayanda Patosi
Umthombo Wesithombe: Sithunyelwe