Umculi wezokholo ufisa ukusiza abesifazane embonini yomculo 

Lubhalwe nguDoreen Mokgolo

Umculi wezokholo, uZanele “Zaza” Mokhethi uzimisele ngokucathulisa abesifazane abafisa ukungena emculweniwezokholo.

Inhlangano ethi-Woman in Chronicle isungulwe ngonyaka odlule ngoMbasa ukuze isize abesifazane abasebasha abafuna ukucathuliswa emculweni wokholo ngosizo lwesihlabani esawina umklomelo. 

Lo mculi ongowokuzalwa KwaThema utshele i-Scrolla.Africa ukuthi ngesikhathi engena kulo mkhakha eneminyaka engu-18 wayefisa ukuthola umuntu onolwazi ozombamba ngesandla amkhombise indlela efanele.

“Kwadingeka ngizifundele usiko nohlangothi lwebhizinisi lwezokholo, okuhlanganisa ukuqonda izinkontileka ezingaqeda impilo yomculi.”

Eminyakeni edlule uke wabona abaculi abanekhono belahlekelwa yikho konke abebekusebenzele kanzima ngoba bezibophezele kwizinkontileka ezinobugebengu.

“Imboni yethu igcwele abesilisa kanti abesifazane bavamise ukuthwala kanzima ukuze bathole indlela efanele kwesinye isikhathi bagcine bengaphumelelanga.”

Ngalolu hlelo, ukholelwa ukuthi abaculi abasha bezokholo bazohlomula kangcono kulokhu. 

Lo mculi wengoma ethi “Namhla Nkosi” usebenzisana namantombazane angu-22 aseMpumalanga, i-Free State, i-Gauteng, i-Limpopo nase-North West.

Unikeza ulwazi lwakhe kanye nokuqonda mayelana nemboni, izinkontileka namakhono ebhizinisi.

“Njengabaculi bokholo kulindeleke ukuthi silingise futhi sigqoke ngendlela ehloniphekile. Indlela oziphatha ngayo ibaluleke kakhulu uma ufuna ukweseka nokudayisa umculo wakho.”

Uzoqopha bukhoma uhlelo lwesibili lwe-Woman in Chronicle Chapter Two nabo bonke abesifazane abangu-22 abangaphansi kwakhe ngoNcwaba lapho bezokhombisa amakhono abo esiteji nakubantu.

UZaza wengeze ngokuthi uyaziqhenya ngabesifazane abakwazile ukufuna usizo lwakhe.

“Lesi isiqalo esisha sokukhombisa ukuthi abesifazane kumele babambisane.”

Isithombe esingenhla: Umculi wezokholo uZanele “Zaza” Mokhethi

Umthombo wesithombe: Sithunyelwe 

Izihloko zakamuva